UKUTHATHA njengobizo ukunakekela izingane ezikhubazekile owesifazane obenguthisha esikoleni sazo ophinde abe nendodakazi ethatha kancane ngokomqondo.
UNkk Nozipho Thwala (46) waseMlaza, ungumbhali wencwadi ethi Lezi Izimpawu Ezidala Ukuhleleka Komntwana Esikoleni ayikhiphe ngonyaka odlule. Wayengazi ukuthi ukutshalwa kwakhe esikoleni sabanokukhubazeka kuzomsiza ayiqonde kangcono indodakazi yakhe. Yize indodakazi yakhe ineminyaka engu-11, uthe ngokomqondo wayo ilingana nengane eneminyaka elishumi. UNkk Thwala, ofundise esikoleni sabanokukhubazeka eMontclair eThekwini iminyaka eyishumi, usaqhubeka nokufundela ukunakekela lezi zingane. Uthe kuyamkhathaza ukuthi abazali abafundisekile ngalezi zingane. Uthe abaningi bacabanga ukuthi ziphazamisekile emqondweni kanti zithatha kancane kuphela.
Ngesikhathi eshiya umsebenzi wokufundisa ngo-2016 bese ezitshelile ukuthi ufuna ukuqala amalungiselelo okusungula isikole sakhe esizogxila ekuqhakambiseni amakhono ezinganeni ezinokukhubazeka. Kumanje usewathumele amaphepha okufaka isicelo soxhaso lokwakha lesi sikhungo aseyitholile nendawo yaso.
“Kunabazali abanezingane ezithatha kancane ngokomqondo kodwa abangafuni ukwamukela. Baphaphama ingane isineminyaka engu-17 ngoba ilokhu ingaphasi. Kule ncwadi ngifundisa ngezimpawu eziyinkomba yokuthi ingane idinga usizo. Abantu kumele bazi ukuthi akusona isiqalekiso ukuba nengane ethatha kancane emqondweni. Abanye bavele bacabange ukuthi bathakathiwe, kuphele imali behamba izinyanga kanti inkinga isemqondweni wengane,” kuchaza uNkk Thwala.
Uthe kwamsiza naye ukuthi amukele ukuthi ingane yakhe ihlukile. Yize ithatha kancane esikoleni kodwa uthe inekhono eliyisimanga lokupheka nokucwala izinzipho. Uveza ukuthi ngokujwayelekile izingane ezinale nkinga ziba nesinye isiphiwo esihambisana nethalente. Abazali kumele babheke leso siphiwo bese besiza ingane ukuze sigqame.
Ulinganise ngoMnuz Richard Branson ongusomabhizinisi ohlonishwayo emhlabeni, athe wayenenkinga yokubhala, ephambanisa amagama esikoleni. Uthe lokhu akusho ukuthi ubephazamiseke emqondweni njengoba esengusomabhizinisi ohlonishwayo.
“Okubalulekile wukuthi abazali bagade izimpawu enganeni isencane. Kuyenzeka ifeyile esikoleni ngoba umqondo uthatha kancane kodwa hhayi ngoba inokukhubazeka. Kuyasiza ukuthi isukunyelwe ingane ukuze ithole abazoyihlola ukuthi umqondo wayo ukuliphi izinga bayifundise ngokwezinga layo,” kusho yena.
UNkk Thwala uqeqeshwe emkhakheni we-Autistic and Dyslexic kodwa wafundela ubuthisha eShowe College of Education. Uneziqu zeHonours kwiBachelor of Education in Exclusive Education ayithola e-Unisa. Manje wenza iMasters. Uke wafundisa eMlazi Com-Tech ngaphambi kokufundisa eSpecial School.