KUNEZINTO esisenza singazi ukuthi uthando lwazo luvela kuphi. Kuthi ngokuqhubeka kwesikhathi, kuhlaluke ukuthi ziyimbewu eyatshalwa ngabadala kepha isifana nofuzo kithina.
Kunjalo nakuNksz Nontokozo Dazela, oqale iCocoa Butter Creations, ibhizinisi lezimpahla zabesifazane zangaphansi ezenziwa ngokunitha ngenaliti.
UNksz Dazela (22) waseMbizana, osezinze eThekwini, uthi wezwa kamuva ukuthi umsebenzi awuphendula ibhizinisi aphila ngalo manje, wawukade wenziwa nguninakhulu ongasekho emhlabeni.
“Ngezwa sengithanda ukwenza izimpahla ngale ndlela. Ngaqala ngazicija ngokuthi zenziwa kanjani ngisebenzisa ulwazi olukwi-YouTube. Ngokuhamba kwesikhathi, ngithole ukuthi nogogo wayewenza lo msebenzi, okukhombisa ukuthi ufuzo luyedlulela ngempela.
“Ngiqala iCocoa Butter Creations, bengisasenyuvesi ngo-2019. Ngathi ngingaqeda umkhiqizo wokuqala okwawu-bra wabesifazane, ngawufaka kwi-Instagram - wathengwa ngokushesha, babaningi nabacela ngibenzele okwabo,” kuchaza uNksz Dazela, ngokuqala ibhizinisi.
“Okunye okungidobela inqwaba yamakhasimende wukuthi angigcini ngokwenza izimpahla zangaphansi zabesifazane kuphela kepha ngenza noma yiluphi uhlobo lwempahla olufunwa yikhasimende,” kusho uNksz Dazela.
Ibhizinisi alivimbelanga ukuthi aqhubeke nezifundo zakhe futhi usanda kuphothula iBachelor of Arts in Anthropology and French e-UKZN.
“Manje sengibheke ukukhulisa ibhizinisi lami, ngigcine senginamanye amagatsha kwezinye izifundazwe, ngidayise imikhiqizo nakwamanye amazwe - bese ngakha amathuba emisebenzi,” kuphetha uNksz Dazela.