UKUPHUMELELA kuvama ukuba nomsoco ngemuva kobunzima bempilo. Ukulesi simo uNkk Londeka Buthelezi Ndaba wenkampani yemfashini, iMalondie ezinze eGoli.
Le ntokazi yaba ngomunye wabaqhakanjiswa yileli phephanda ivula isitolo sabesifazane iDream Fashion kwelinye lamahhotela eGateway ngo-2015.
Muva nje usebalwa nabesifazane abancane abavelele kwezohwebo eNingizimu Afrika. Esitolo sakhe kuthenga osaziwayo kakhulu, okwenza iMalondie ikhule ngamandla.
Akukhona ukuthi wawela kulo msebenzi ngephutha kodwa wafundela ubumeli, kwacaca ukuthi ukuzisebenza kusegazini kuye.
Umfutho wakhe usukhulise intshisekelo ngokwazi ukuthi izimakethe zomhlaba zingawamukele yini umsebenzi wakhe.
“Kusenzima ukuhwebelana namazwe aphesheya kwezilwandle, ngiyethemba nokuthi kwezinye zezingxoxo abanazo kwi-BRICS bazokhuluma bagxile kule nkinga,” usho kanje ephawula ngokugqugquzelwa kohwebo phakathi kwamazwe ale nhlanganisela abedibene eGoli muva nje. “Sidinga izindlela ezingambi eqolo zokudayisa emazweni aphesheya kwezilwandle. ENingizimu Afrika kuyasebenzeka, imboni ibabhekelele ngokwanele abesifazane noma kubuye kugqanyiswe abesilisa kodwa siyibambile," kusho uNkk Buthelezi Ndaba.
Ukuntenga komnotho, ukuhlasela kwezifo kanjalo nodlame lobulili ngezinye zezinto ezimshayisa ngovalo uNkk Buthelezi Ndaba.
“Umuntu uhlalele ovalweni ngoba ungavuka ngakusasa ungenalutho. Ngicabanga ukuthi nokulwa nodlame lobulili akumele nje kugxile kwabesifazane bodwa, makube nezinhlelo ezifundisa abesilisa kakhulu.
Nasekhaya umfana akakhule ngezimfundiso zakhona. Indodana yami kuyimanje ngiyayifundisa ngokunakekela odadewabo nokuthi owesilisa uziphatha kanjani emphakathini," kusho uNkk Buthelezi Ndaba.
I-Malondie iyaqhubeka nokubonakala nasemibukisweni emikhulu yezemfashini, okubalwa neCape Town Fashion Week lapho ike yadla khona ubhedu ezinyangeni ezedlule.