UKUZIFELA ngezambane kuholele ekutheni abe ngumkhiqizi wezambane elinongiwe elithengwa seliphekiwe, i-frozen cream potato.
UNksz Nelisiwe Mkhize waseMthwalume ongumsunguli weNelzaMk Foods, owenza ukudla okuthengwa sekuphekiwe okuhlala efrijini, uthi uyalithanda izambane futhi ubehlale ecabanga ukuthi angalishintsha kanjani libe mnandi.
Uthe kunomgani wakhe obedayisa u-chilli sauce, awuthenga wawufaka wanonga ngawo amazambane ayewaphekile wezwa kumnandi, waqala lapho ukunonga amazambane ngezinto eziningi okungama-herbs, amakhowe nokunye okuningi wagcina esekufaka ezitsheni ekudayisa.
"Ngacabanga ukuthi izambane njengoba ngilithanda kangaka lingaba ukudla ongakudla emsebenzini usuthe, ukulinonga kwengeza nomsoco ongawuthola kulo. Lo mkhiqizo wenza izinto zibe lula uma ungumuntu omatasatasa ngoba uwuthenga ubanda ufike ufudumeze, bese uyadla. Uma uthanda ungawudla nenyama uwenze isaladi. Ngesikhathi ngiqala bengidayisela abantu umkhiqizo ngiwugcine ngiwuphathe nge-cooler box,“ kuchaza uNksz Mkhize.
Uthe ubelokhu ekhangisa ngomsebenzi wakhe ezinkundleni zokuxhumana.
"Leli bhizinisi ngiliqale ngo-2017, ngemuva kokuzama ukungena endimeni yokwakha kwangalunga. Ngithe ngisanda kuqala ngashayelwa ucingo umuntu owayebona umsebenzi wami wathi ngingakwazi yini ukukhiqiza ithani uzolithenga. Ngangingazi ukuthi ithani into engakani kodwa ngavuma. Kwaduma ikhanda uma sengithola ukuthi kanti yinto eningi kangaka. Ngagcina ngingakwazanga ukulenza ithani ngoba lalilikhulu kakhulu kanti ngangisanda kuqala, ngingenayo nendawo yokusebenzela enkulu. Ngabona lapho ukuthi kumele ngilungise kahle ukuze ngenze umsebenzi wami ube sezingeni elifanene. Ngenza i-branding ngafaka amalebula, kwafanele ngithole abantu basemanyuvesi abazongisiza ukuze bahlole ukudla kwami ukuthi kunamiphi imisoco, basho ukuthi kufanele kuhlale ezingeni elingakanani lokushisa neminye imininingwane ethinta ukudla okumele kubhalwe kwilebuli," kuchaza uNksz Mkhize.
Manje emikhiqizweni yakhe usengeze ngamadumbe nawo anongiwe, i-creamy chicken ne-moringa, ubhatata nenyama kanogwaja.
"Abantu abaningi bathanda ukudla okunomsoco yingakho ngakhetha ukuthi imikhiqizo yami ngiyifake izinongo ezinemisoco ethile,“ kusho yena.
Uthe uke waxhaswa yi-Agriculture Development Agency (ADA), yamkhokhela ukuthi afunde kabanzi ngebhizinisi.
Uthe ubefisa lo mkhiqizo wakhe ungene ezitolo ezinkulu kodwa kunzima ngoba kudingeka izinto eziningi ukuze akwazi ukufaka umkhiqizo wakhe.
Uthe ezinye izitolo ziye zifune ukuthi azinike umkhiqizo zithi zizofaka igama lazo yena uzobe eyithola imali yakhe kodwa kube kungaziwa ukuthi ubani owukhiqizayo ngoba isitolo sifaka igama laso.
“Lokho kuyashesha ukungenisa imali. Kubheduke iCoronavirus ngisaxoxisana nezinye zezitolo ngifuna ukubona ukuthi lokho kuzongikhulisa kanjani njengosomabhizinisi. Uhlelo lwama kanjalo.”
Ukuze kube nemali engenayo uvule indawo edayisa ukudla okuphekiwe eMzinto. Le ndawo uthe iyamsiza ngokuthi akhangise ngalo mkhiqizo.