“ENGIKUQAPHELILE wukuthi osomabhizinisi abaningi, ikakhulu asafufusa kabanalo ulwazi ngokumele bakwenze ukukhulisa amabhizinisi abo, futhi abakuqondi okumele bakwenze ukuqinisekisa ukuthi abasokoleli amakhasimende ukuze badlondobale.”
Lawo ngamazwi kaNksz Fundile Mcoyi echaza ngokwenze wasungula i-Aliment Consultants Marketing ngo-2017, inkampani esiza osomabhizinisi ikakhulu abanamabhizinisi angakachumi ukubamakethela amabhizinisi abo, ibachushise nangamasu okumele akwenze ukuze akhule.
UNksz Mcoyi (26) waseMagabheni, ngaseMgababa, uthi bekumkhathaza ukubona abantu beqala amabhizinisi kodwa bagcine bekhathala endleleni ngoba bengakwazanga ukuwasabalalisa kahle ebantwini.
“Thina singena lapho-ke, sisize ngamasu okubalekelela ukukhulisa amabhizinisi, siphinde sibaxhumanise neminyango efanele ukubasiza ngokwezidingo.
“Sisebenzisana nabanolwazi olunzulu lokuphatha nokulondoloza imali, okungenye yezinto ehlupha osomabhizinisi.
“Ngaphezu kwalokho, sisiza osomabhizinisi ngokubaxhumanisa nabanye bamabhizinisi ahlukene, ngoba sikholwa wukuthi sonke siyadingana, futhi akusizi ukuthi umuntu azenzele konke yedwa,” kuchaza uNksz Mcoyi.
Le ntokazi eneziqu zeGraphic Design zaseVega, okumanje yenza iComputer Science e-University of Johannesburg, ithi okwamanje iqashe abantu ababili ebhizinisini layo elizinze eManzimtoti, elinamakhasimende amaningi eGoli naseThekwini namaphethelo.
“Okumqoka kithi wukuqinisekisa ukuthi wonke usomabhizinisi oxhumana nathi, uyakhula ebhizinisini kungakhathalekile ukuthi ukumuphi umkhakha webhizinisi.
“Sifuna nokuthi umsebenzi esiwenzayo usikhulumele, sigcine sesiyinkampani ethenjwayo ukusiza osomabhizinisi bakhule kwezamabhizinisi, ikakhulu abendlu emnyama okuyibo abavame ukusala endleleni,” kusho uNksz Mcoyi.