UKUNGAFEZEKI kwephupho lakhe lokuba umcwaningi wamabhuku kuholele ekutheni agcine esengumakhi wezindlu.
UNksz Nelisiwe Dindi (31) waseMlaza ozalwa ngumakhi wezindlu, uthe yize ayazi ukuthi uma unekhono lokwakha izindlu awuyisweli imali ngoba baningi abantu abadinga omakhi, kodwa yena wayefuna ukuba ngumcwaningi wamabhuku.
Uthe ngeshwa uyise washona engakawuqedi u-matric kwathi esewuqedile kwamcacela ukuthi ngeke kube lula ukuthi ayofundela ukucwaninga amabhuku ngoba imali akanayo.
Uthe kusukela lapho waqala ukuba nothando lokwakha kodwa engenaso isipiliyoni ngoba ngesikhathi uyise esaphila wayengawunaki lo msebenzi ngoba ewubona ungcolisa.
" Ngase ngibonile ukuthi imisebenzi ayikho, ukuze uzibeke emathubeni amahle okuqashwa kumele wenze umsebenzi ongenabo abantu abaningi. Ngiyabona ukuthi kulo mkhakha abantu besifazane ababaningi uma ngingangena khona ngizozibeka ethubeni elihle lokuthi ngisheshe ngiqashwe noma ngiziqalele ibhizinisi lami," kusho yena.
Uthe waba nenhlanhla yokuthi athathwe ohlelweni lokuthuthukisa amakhono entsha olwalwenziwa inkampani yonjiniyela bokwakha iMurray &Roberts Engineering, eyamqeqesha phakathi kuka-2010 kuya ku-2013.
"Kulolu hlelo kwakukhona amakhono anjengokufaka ama-tiles neminye engenzima kakhulu, mina ngakhetha ukubeka isitini kusukela indlu iqala ngize ngiyiqede," kusho yena.
Uthe akubanga lula njengoba ayecabanga ukuthola umsebenzi, ubehlale ethola amatoho kwesinye isikhathi kuthuleke.
Ngo-2017 kuya ku-2018 uthe wayengalitholi itoho lokwakha wase efaka isicelo seGeneral worker enkampanini eyakhayo iLeomat Plant Hire and Construction, eyayilungusa ibhilidi esibhedlela iKing Edward.
"Kwakuthi uma sengiqede umsebenzi wami engiwuqashelwe ngibambe ekwakheni ngithi ngiyazenzela kanti imenenja izongibona ukuthi ngiyakwazi ukubeka isitini. Kwaba ukuqashwa kwami ngaba ngomunye wabakhi ababeka isitini kwaze kwaba umsebenzi uyaphela," kusho yena.
Uthe umsebenzi wokwakha ugcwele abantu besilisa okuthi uma beqala ukubona umuntu wesifazane owenzayo bazitshele ukuthi uzothatha amashansi.
"Baqala ngokukubuza ukuthi kungani ungakhethanga eminye imisebenzi elula kunokubeka isitini. Ngokuhamba kwesikhathi bayakujwayela nisebenzisane kahle," kusho yena.
Le ntokazi ithi ike isebenze nelinye ilungu lomndeni elingumakhi ihambe yakha izindlu ezindaweni ezehlukene kulesi sifundazwe.
Uthe indlu ukwazi ukuyiqala phansi kwi-foundation aze ayiphothule, Uyaplastela afake ne-paving.
"Abantu abaningi uma bengibona ngisebenza bangibuza ukuthi unjani ukukhathaza lo msebenzi. Ngokubona kwami wonke umsebenzi uyakhathaza, nabasebenza emahhovisi bephenduka nezihlalo bayakhathala. Umehluko kulo msebenzi ukuthi kuyenzeka usebenze elangeni futhi kudingeke ukuthi ugibele phezulu okuyinto abantu besifazane abayisabayo. Ngaphandle kwalokho kumnandi. Kuba mnandi kakhulu uma usubona umsebenzi wakho, indlu isiphelile umnikazi wayo esejabula," kusho yena.
Uthe okwamanje akakafinyeleli ezingeni afisa ukufika kulo, lapho ezoba nezinsiza kusebenza ezisezingeni eliphezulu.
"Uma ungumakhi kuye kube kuhle ukuthi ube nezinsimbi zakho zokugibela, imoto nezinye izinsiza ezibalulekile. Konke lokhu kuyabiza, okunye angikabi nako. Yingakho uma ngingawutholi umsebenzi engizozimela kuwo ngiye ngihambe ngiyofuna ukuqashwa ukuze ngifeze iphupho lami lokuzimela," kusho yena.