USEBENZISE imfashini ukwelapha iminjunju yokuhlukumezeka kwakhe owesifazane owaba yisisulu sodlame lwabesifazane iminyaka.
UNkk Nobuhle Ngcongo (34) waseMbali eMgungundlovu kodwa osezinze eBluff eThekwini, wenze umsiko wephinifa ezwakalisa ilaka lakhe ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Leli phinifa ulenze ngaphansi kwezinhlangano ezimbili Igoda Incubator ne-Insika Women in Business, obekuyizinkampani ebezimcija ngamakhono ahlukene emikhakheni yezemfashini ngoxhaso lwebhange i-ABSA.
UNkk Ngcongo uthe wakhula ehlukunyezwa uyise owayengamzali ehlala emshaya okuyinto eyaziwayo ngisho endaweni.
Kodwa uthe kwathi esefunda u-matric omakhelwane nomphakathi bazidela bamhlenga kuyise.
“Kwakuyisigebengu esaziwayo futhi esesatshwayo endaweni, ngangibekezela ngishayelwa nokuthi ngiyafunda ngibuya ngesikhathi ayengasithandi. Kwakunzima kakhulu sengifunda u-matric ngoba kwakuphoqa ukuthi nami ngiphume ngesikhathi abasidedela ngaso othisha. Yilapho angishaya kakhulu, umfana kamakhelwane wazidela waqoqa abangani bakhe bamqonda nomphakathi ngathola ukusizakala," kusho uNkk Ngcongo.
Yize aluthola usizo kodwa ukuhlala ngokwesaba nokwethuka bese kuyinto aphila ngayo noma esewunkosikazi oshadile.
"Ukuhlukumezeka akuyona into edlula kalula, kuyenzeka ugcine sewuphilisa kabi nabanye abantu. Ngike ngaba nengcindezi kwagcina sekuhlukumezeka nomyeni wami. Ngosizo longoti ngalulekwa okwenza ngikwazi manje nokukhuluma ngako," kusho uNkk Ngcongo.
Imfashini ngenye yezinto ezimenza akhululeke futhi akwazi ukudlulisa ngayo imicabango yokuhlukumezeka kwakhe.
Ukungena ngaphansi kwale nkampani Igoda Incubator, uthe kwenze umehluko omkhulu empilweni yakhe wathola nendlela yokusebenzisa imizwa yakhe ukudlulisa umyalezo ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. "Ngesikhathi ngithunga leli phinifa ngisebenzise ubuhlalu, i-wool nendwangu, izinkamba lezi ezimbili ezichithela ndawonye zikhombisa ukubaluleka kokuhlangana komphakathi ndawonye ungisiza ngisenkingeni. Yinto engifisa yenzeke nakwezinye izingane nabesifazane ukuze basizakale njengami," kusho uNkk Ngcongo.
UNkk Zola Shabangu ongumsunguli we-Igoda Incubator, uthe ziningi izinhlelo abanazo zokubanga umsindo ngesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Uthe ukholelwa ekutheni ukulokhu beqhubeka bebacija ngamakhono kuzobalekelela bakwazi nokuzimela bathole nesibindi sokuphuma ebudlelwaneni abangajabule kubo.