KUMTHATHE iminyaka emithathu ukugcwalisa isaka elilodwa likadoti uthisha wesikole esigcine sidla umhlanganiso emncintiswaneni wokuqoqa imfucuza ohlelwa iCoca Cola Beverages South Africa(CCBSA).
UNksz Mathombi Khwela ofundisa uGrade 3 Eqinisweni Primary, eMatikwe, eNanda, uthe wacishe wawushiya phansi umncintiswano ayekade ezingenele yena kuwo ngoba ezwe ukuthi kutholaka imihlomulo esiza ekuthuthukiseni isikole.
Uthe wawuthanda umncintiswano emuva kokuba ezwe omunye wothisha owumngani wakhe encoma esho nezinto asebezenzile ngokusizwa ngabakwaCCBSA.
“Umngani wami wayehalalisa uma exoxa nangezindawo abazihambayo behlelelwe yiwo iCCBSA. Ngangizwa sengathi kulula kanti angibuzanga elangeni. Kwalethwa amasaka amane, kwathiwa asiwagcwalise. Ngithe uma ngilivula elokuqala ngabona ngamanye amehlo ukuthi kanti likhulu kangaka.
“Ngangikhuluma nabafundi kodwa kube yidlanzana elifika nezigubhu zeplastiki, inqwaba ingayingeni indaba yami. Imoto ezothatha udoti yayifika elethu isaka lingewona nohhafu. Umqoqi wayejabha esefikile uma ebona ukuthi kanti uzothatha into encane kangaka. Kwaze kwafinyelela lapho engitshela khona ukuthi kumosheka uphethroli uma efika udoti ungenele. Nakhona kwaCCBSA bangitshela ukuthi bazophoqeleka ukuthi bangikhiphe. Inhliziyo yami yayibuhlungu ngoba uma ngibiziwe ngizobuka ezinye izikole sezithola imiklomelo yazo, othisha engangikhuluma nabo babethi kulula. Bangicobelela ngamasu kodwa akangisizanga.”
Uthe kwaqala ukuthi kube nomehluko ngo-2016 esethola ukuthi kanti angafaka namaphepha. Ngelinye ilanga wahamba nothishomkhulu wesikole beye emcimbini wabawinile sebeyothola izindondo.
“ Uthishomkhulu wabona umsebenzi wezinye izikole wabuya efunzelekile. Wafunga wathi ngeke sehlulwe ngezinye izikole ngokucosha udoti, kuzomele sibambisane. Sasebenzisa imoto yakhe sihambe ngayo siyocosha udoti emizini ebenemicimbi ngezimpelasonto, othisha nabo benza okufanayo. Kwaba nomunye uthisha ongilekelelelayo.”
Ukwanda kwezigubhu, amathini namaphepha esikoleni kwamphosela enye inselelo yokuthi kumele akubheke ungasaphazeki egcekeni lesikole. Abafundi uthi bese benokusika izigubhu baphakele kuzo uma bengawaphethe amapleti.
“Izigubhu ezisikiwe bekwenzeka uzibone seziphephuka egcekeni, lapho sengizobizwa wozakwethu bathi udoti wakho ususaphazekile. Emzini wami nakhona udoti ugcwele ngoba omakhelwane bawuletha khona. Ngelinye ilanga nginomcimbi ngaze ngawufaka ebhuthini ngibalekela ukuthi ubonwe yizivakashi. Izingane zami kwesinye isikhathi zivele zikhale ngenxa yokwanda kwawo ekhaya. Lokho akungikhathazi ngoba ngifuna ukukhombisa esikoleni ukuthi udoti uyimali.”
Uthe umncintiswano ukwenza ukuthi uhlale ucabanga amasu amasha okuqoqa nokukhuthaza abafundi.
“ Ezinkundleni zezokuxhumana kuhlale kushiwo ukuthi yisiphi isikole esihamba phambili. Uma usephansi uqhamuka namasu amasha ngoba ufuna ukwehlula lowo obona sengathi uhamba yedwa phambili.”
Ngo-2017 baqoqe amathani awu-12 bathola uR12 000 athe kuzofakwa ngawo ophephela emakilasini. Nyakenye bathole uR54 000 athe bahlele ukuthi kwakhiwe ngawo umpheme.