UZWE kusuka umthwalo emuva kokugonyuluka ngobunzima abhekane nabo empilweni owesifazane odume ngokwenza imicimbi eThekwini.
UNksz Thembi “Shilex” Shange ugonyuluke encwadini asanda kuyikhipha ethi A Star Can Never Shine Without Darkness.
Kule ncwadi uphumela obala okokuqala ngobudlelwane bakhe nosopolitiki waseMgungundlovu owadutshulwa ngentululwane yezinhlamvu. UNksz Shange uthe usopolitiki owayesatshwa esifundazweni sonke wamlobola eneminyaka engu-21.
Uthe yize ayemdala kuyena ngeminyaka engu-21 kodwa wajabulela ukuthi akakaze amhlukumeze futhi wamfundisa ukuba ngowesifazane ozimele. Okwenza wasala nesilonda ngesikhathi ebulawa wukuthi akalitholanga ithuba lokuyomngcwaba.
“Ngike ngaphathwa wukhwantalala isikhathi eside ngenxa yokuthi bengifihle ubuhlungu enhliziyweni. Ziningi izinto ezinzima engidlule kuzona ebezenza ngivalele ubuhlungu ngaphakathi. Ngabona ukuthi indlela ezongisiza wukuthi ngikhulume ngobuhlungu bami ngoba bese ngizame konke kodwa ukhwantalala lungapheli. Ngizwe sengathi kukhona itshe elisukayo emahlombe ami emuva kokubhala incwadi,” kusho uNksz Shange.
Uthe ngeke agcine ngencwadi kodwa izinhlelo zakhe wukuthi ahambele nezikole akhuthaze intsha ngokuthi iziphathe kahle ifunde nokuzimela. Uveze nokuthi uwutshelile ngencwadi umndeni walo sopolitiki axoxa ngaye futhi wangaba nankinga. Okunye akhuluma ngakho encwadini ukukhula kanzima uyise obengumphathi esibhedlela engamondli.
“Ubaba ubenakho konke kodwa engangidingi empilweni yakhe. Akazange angondle waze washona. Kwesinye isikhathi ngangidla intshela yophuthu ngizingele nezinyoni ukuze ngidle. Kwadingeka ukuthi umama ayohlala eGoli ezama umsebenzi ukuze akhulise mina. Ngifuna ukufundisa amadoda ngokubaluleka kokondla nokukhulisa izingane zawo ngoba le nto idala isilonda enganeni uma inganakiwe.
UNksz Shange ungumhleli kaMiss and Mr KZN Heroes and Heroines waminyaka yonke. Nonyaka kulindeleke ukuthi ube ngoNovemba 23 eCity Hall, eThekwini. Uphinde abe ngomunye wabasunguli benhlangano efukula abesifazane, iZenzele Mbokodo, ayiqala noNkk Sithandiwe Kamanga.
Ubuye abe yijaji emincintiswaneni ehlukene yokumodela. Wakhulela KwaDambuza, eMgungundlovu, kanti uke wasebenza emakolishi ehlukene ngaphansi kohlelo lwamaSector Education and Training Authority.