UMCULI uPutuma Tiso uselaxaze umculo we-jazz wagxila kowokholo yize ebesethathwa futhi eteketiswa ngelikaMiriam Makeba ngenxa yekhono lakhe kulo mculo.
Ababaningi abaculi abakwazi ukuxebuka kolunye uhlobo lomculo bangene kolunye ngempumelelo.
Asebeke bakwenza lokho futhi bagcina sebehlonishwa eminxeni emisha ngoRebecca Malope owayecula i-bubblegum kodwa osecula owokholo, uLucky Dube owashona esebizwa ngenkosi ye-reggae noSwazi Dlamini owayecula owokholo kodwa osecula i-Afro jazz.
UPutuma wangena emculweni okhokhelwayo nge-jazz njengoba esebizwa ngeGoddess of Gospel. Le ntokazi engeyokuzalwa ePort Elizabeth izoqopha iDVD yokuqala yomculo wokholo ethi Restored eFather’s House, eLimpopo ngenyanga ezayo.
Kwenzeka lokhu nje usanda kuwina kuma-Independent National Gospel Music Awards (Ingoma) kumunxa weBest Female Artist.
Uqale emculweni we-jazz ngesikhathi ejoyina inkampani kaSipho ‘Malambule’ Sithole, iNative Rhythm, lapho aqopha khona iCD eyayithi Pu2ma. Le albhamu yamenza wangabe esaba yindlala kwiStandard Bank Joy of Jazz eGoli neCape Town International Jazz Festival.
Uthe lo mculo wamethula kwezinye izinkakha okungoSibongile Khumalo noHugh Masekela abazungeza noPutuma ochungechungeni lwamakhonsathi ngisho naphesheya kwezilwandle.
“UBra Hugh waze wathi ngimkhumbuza uMiriam Makeba, cabanga kusho umuntu osezingeni likaBra Hugh.”
Nakuba kwakumnandi kunjalo kodwa umphefumulo wakhe wawunganeme ngenxa yokuthi lo mculo wawungekho emithanjeni yakhe.
“Umphefumulo wami wawungawuzwa kahle.” Uthe wagcina eshiyile unomphela kwi-jazz njengoba esegxila kowokholo.