IZINDAWO zokuvakasha eziningi zidlisa ngezinto ezihambisana nezikhathi zonyaka njengoba nemaphakathi lesifundazwe iKwaZulu-Natal liyadlisa ebusika.
Ngaphambi kokungena egiyeni lokushisa njengoba sekusondele intwasahlobo, usangazivakashela izindawo ezimaphakathi nesifundazwe.
Indawo yokuvakasha iMount Shekinah eseBalgowan, ingenye yezindawo ezisehontshi kodwa okuthi uma usukuyo usibone isidingo sokucasha kwayo.
Ngenkathi ngihlela uhambo lokuvakashela kule ndawo ngiqale ngathathwa yigama layo njengoba ngiyaye ngizwe ngalo nxa kushumayela amaKhrestu. Ngibheka incazelo neziga ngalo, ngithole ukuthi lisuselwe olimini lwesiHebheru egameni elithi ‘shekinot’ elisho indawo okukhona kuyo uNkulunkulu noma okuhlala kuyo uNkulunkulu.
Ngivakashele kuyo nami ngingemuhle emoyeni, kimi kulokoza ithemba lokuthi hleze ngikwazi ukupholisa umqondo, ngibuyise ukuthula emoyeni njengoba iqhelile esiphithiphithini.
Nebala ngemuva kwamahora amabili ngisuke eThekwini, ushintshile umoya wathi ukuhlaba sengisondela kule ndawo njengoba idlisa ngezintaba nemvelo.
Sengiqhamukela esangweni lakhona ngiqaphele ukuthi ingumakhelwane nesikole esifunda izingane zomntakabani, iMichaelhouse Boys.
Uma usungene ngaphakathi wukhangwa yingadi okucacayo ukuthi abayenzayo bayazinika isikhathi sokuyicwala futhi wuyabona ukuthi ‘itshaliwe’ nemali kuyo njengoba inamachibana nezimpophomana, okugeleza amanzi okukhanya ngendlela ekhangayo uma sekuhlwile.
Sivumelene nebesivakashe nabo ukuthi kube wumqondo omuhle ukuzophumuza ingqondo kule ndawo ngenxa yendlela izakhiwo zayo ezibekwe ngayo.
Kunamagumbi kanokusho ehhotela ayishumi, ibe namakotishi ayisithupha bese iba nomuzi ozimele geqe onamagumbi amahlanu.
Yindawo le ekahle kwabahamba beyiqembu njengomndeni, abangani nabasebenzi.
Amagumbi asehhotela ebesilele kuwo kawahlabi umxhwele kuphela ngokuvuleka kwawo endlini. Uma uvula iminyango yawo engemuva, wuphumela engadini enezihlalo ne-swimming pool. Zicabange ushaya ikhofi ekuseni uhleli phambi kwendlu yakho ubuka ingadi enhle, kuthi uma uphakamisa amehlo ukhangwe yizintaba. Ngalowo mzuzu umsindo owuzwayo ngowezinyoni nokugeleza kwamanzi, okuthi uma ulumbana kuqubuke umuzwa wokuthula nokweneliseka.
Ukugcizelele lokhu noSlindokuhle Bhengu, ongumphathi jikelele waleli hhotela.
“Izivakashi zethu eziningi zincoma futhi zithanda kakhulu ukubuka izintaba nomuzwa wokuthula eziba nawo uma zivakashele kule ndawo,” kusho uSlindokuhle. Uveze ukuthi abanikazi behhotela ngumndeni waKwaNyasulu owalithenga ngo-2017 walivula kabusha ngo-2018.
Kuke kwaba khona umzuzu lapho ngikhohlwa khona wukuthi kukhona engihamba nabo, ngihleli engadini lapho ngike ngajula ngomcabango, ngidla amathambo engqondo ngempilo.
Ngiphazanyiswe wumyalezo obuqhamuka komunye wokuthi sesizoshaya isikhathi sokuphela kokudla kwasekuseni, nebala sanikela endaweni yokudla, iThe Upper Room.
Sisalinde ukudla ebesifake ama-oda akho besincokola ngesidlo sangayizolo ebesehla esiphundu, sincoma abapheki bakule ndawo ukuthi kuyacaca ukuthi baqeqeshwe ezingeni eliphezulu.
Asiphoxekanga nasesidlweni sasekuseni futhi nangenkathi sesihamba kuleli hhotela, sivumelene sonke, sancoma abapheki ngomsebenzi wabo.
IZINTO ONGAZENZA UMA USE-MOUNT SHEKINAH NOKUNYE EDLISA NGAKHO
* Ungaqwala intaba ube sesicongweni ubuke umhlaba ‘ngeso lenyoni’
* Iyindawo ekahle futhi ephambili ongashadela kuyo. Ungenza neminye imicimbi
* IneWiFi engacikizeli
* Inendawo yemihlangano engakwazi ukuhlala abantu abangu-60. Inayo ne-boardroom eyanela abantu abangu-20 futhi kunobuchwepheshe besimanjemanje obudingeka emihlanganweni
* Isondelene neMandela Capture Site, lapho uNelson Mandela aboshwa ekhona, wadonsa iminyaka engu-27 ejele.
* Ezinye izindawo ezisondelene neMount Shekinah yindawo ephisa iwayini iHighgate Wine Estate, kuyo okunezinhlobonhlobo zamawayini ongawezwa noma uwathenge. Kuphinde kube nendawo yokwenza i-zipline iKarkloof Canopy. Yakhelene nendawo okwenziwa kuyo ushizi iSissland Cheese.
Ukulala kule ndawo kusuka kuR1 080 ubusuku obubodwa, okuhlanganisa nokudla kwasekuseni futhi iyaba nezipesheli kanjalo nezipesheli zemishado nemicimbi. Ukuthola imininingwane ungashayela ku-033 814 4500 noma uvakashele i-website yakhona ethi www.mountshekinah.co.za.