USEQALE umkhankaso wonkunxenxa osomabhizinisi ukuthi batshale imali ukuze kufundiswe abagilwa yizikhukhula amakhono abangaziphilisa ngawo.
UNksz Pinky Mnguni waseVerulam osungule umkhankaso wokuqoqa imali yokuthuthukiswa kwamakhono abakhoseliswe emahholo owaziwa ngokuthi uMntompisholo. Uthe kunabantu abahlala emahholo usuku lonke bengazi ukuthi bazokwenzani ngoba abanamizi nemisebenzi yabo iphelile.
"Lukhulu usizi engilubone kwamanye amahholo aseThekwini ngesikhathi ngihambele khona abantu banqwabelene ndawonye, abesilisa, abesifazane nezingane. Abanye abasasebenzi ngoba izindawo ababesebenza kuzo ngaphambi kokuthi kube nezikhukhula zaguguleka ezinye ngeke ziphinde zivulwe. Okusho ukuthi abasenayo imisebenzi. Ngibone ukuthi ngaphandle kwezingubo nokudla abakunikezwayo kumele baqeqeshelwe amakhono ukuze bakwazi ukuziphilisa futhi," kusho uNksz Mnguni.
UNksz Mnguni ongusonhlalakahle kodwa osashintshela emkhakheni wezokukhangisa, uthe akubonile kumenze ukuthi angalali ezama ukuqhamuka nesu elingasiza umphakathi ohleli emahholo.
Uqhube wathi useke wawenza umcimbi wokuqoqela lomkhankaso imali lapho bekudlalwa khona igalofu.
"Okwamanje iminikelo isangena kancane. Abanye abantu basanikela ngokudla nangazo izingubo okudingeka manje kodwa mina ngifuna into ezokwenza ukuthi nabakhosele emahholo babe nento eyikhono abazothi noma besalinde usizo lukahulumeni baphume bayoyenza emini, babuye sebezolala hhayi ukuhlala usuku lonke ungenzi lutho,“ kusho yena.
Uthe okunye akwenzayo ukuthi akhulume nezikole zamakhono ukuthi zisize laba bantu wathi okwamanje bakhona abathembisayo.
Uthe amakhono okubonakala engasiza awokubaza i-capentry, ukuthunga, ukufaka ama-tiles nokukhrosha.
Uthe ufisa ukuthi imali ayiqoqile ifinyelele kuR1 million bese kuyaqalwa ukufunda. Uma imali isikhona kuzoqalwa lapho bebaningi khona abantu abangenzi lutho emini.