UKUSEBENZA isikhathi eside elekelela umyeni wakhe ongumeluleki wezomthetho, eluleka amakhasimende ngezezimali - kukhulise uthando lwebhizinisi lokusiza abantu abafuna ukuthenga nokudayiza imizi.
UNkk Thabisile Mthembu (44), waKwaGqwathaza, eHighflats, ungumsunguli we-Africa Kesse Group, inkampani ebhekele ukucebisa abantu ngokumele bakwenze uma befuna ukuthenga nokudayisa imizi nomhlaba wokwakha.
Echaza ngokusungula ibhizinisi, uthe ubevele eyithanda le mboni yokudayiswa kwezindlu kodwa engagxilile kuyona ngenxa yokuxinwa wumsebenzi ayewenza wokuba wumabhalane esiteshini samaphoyisa eminyakeni edlule.
“Nokho ngagcina ngiphoqeleka ukushiya kulowo msebenzi ngemva kokuzala ingane enezidingo eziphoqa ukunakekelwa okwengeziwe.
“Kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi sabonisana nomyeni wami ukubuyela emsebenzini, ngaba wumeluleki wezezimali enkampanini yakhe yezomthetho - lwakhula lapho uthando lwami lomkhakha wokudayiswa kwezindlu.
“Ebhizinisini lakhe (umyeni) bengeluleka amakhasimende amaningi ayefuna ukuthenga nokudayisa imizi, lokho kwenza ngaba nothando lokungena ebhizinisini elinje ngoba ngibona igebe labesifazane abamnyama namathuba kulona.” kuchaza uNkk Mthembu osezinze eThekwini.
Eqhuba, uthe akubanga lula eqala ibhizinisi lakhe ngo-2020, ngoba kwathi esehlele yonke into ngalo, waze wakhokha nerenti endaweni yokusebenzela eseMontclair, kwabhoka iCovid-19 kwama yonke into engakatholi nekhasimende elilodwa.
“Izinto zilunge sengicabanga ukuphosa ithawula emva kwezinyanga ezinhlanu ngiqalile, ngaqasha izisebenzi ezimbili ezangisiza ukuthola ikhasimende lokuqala elathenga umuzi KwaMashu, ngachuma kanjalo.
“Manje sengiqashe abantu abawu-12 ebhizinisini, futhi ngijabule ngendlela ibhizinisi elikhula ngayo.
“Angisagcini ngokusiza abadayisa nabathenga izindlu kuphela kodwa ngisiza nangokuthenga izinto zasendlini, senze umuzi ube sesimweni esihle ukuze owudayisayo enze inzuzo ayidingayo ngawo,” kuchaza uNkk Mthembu.
Ephetha, uthe ufuna ukugcina esaziwa nakwezinye izindawo ezingaphandle kweTheku, njengoba okwamanje esangenise koNewlands, KwaMashu naseMlaza.