UKUBEKA phambili lelo nalelo khasimende eliza ebhizinisini, ngenye yezimfihlo abathi yenze ibhizinisi labo lokuzicwala; eligxile ekwenzeni izinsipho nokubhucabhuca abesilisa nabesifazane likhule njengoba selinamagatsha amathathu libe linonyaka kuphela lisunguliwe.
UNksz Eleni Kwinana, omunye wabasunguli beVickie’s Beauty Salon, abambisene kulo nomlingani wakhe uNksz Raquel Lochberg.
Ibhizinisi baliqale ngoMashi wanyakenye eWindemere, eThekwini, lazala amagatsha amabili eMhlanga nasenkabeni yeTheku.
Ekhuluma neSolezwe ngaleli bhizinisi, uNksz Kwinana, uthe okwenza baqala leli bhizinisi elengeze kwamanye abavele nabawo nomngani wakhe, wukufuna ukwenza into ehlukile - ezogculisa abantu bezinhlanga ezahlukene ngamanani akahle.
“Lokho sikwenze ngokutshala imali ebhizinisini lethu ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wethu uba sezingeni eliphezulu, okusisize kakhulu ngokusidobela inqwaba yamakhasimende abengawuvali umlomo ngesikwenzayo, sagcina sibona isidingo sokuvula amagatsha amabili ukuze ibhizinisi lethu lifinyelele kalula ebantwini abaningi abasidingayo,” kuchaza uNksz Kwinana.
Eqhuba, uthe kumanje banezisebenzi eziwu-30 uma sekuhlanganiswa amagatsha ebhizinisi labo amathathu, kanti abagcini lapho ngoba bayakwazi ukufinyelela ekhasimendeni ekhaya uma lifuna kube njalo.
“Into eseyinkinga nokho wukuthi uma abantu bebuka umsebenzi wethu noma bedlula kunoma yiliphi igatsha lebhizinisi lethu, banokuzitshela ukuthi simba eqolo ngoba bebona izinga eliphezulu ngaphandle nangaphakathi kwamahhovisi esisebenzela kuwona.
“Kodwa lokho akusikhathazi kakhulu ngoba sinenqwaba yamakhasimende athembekile kithina, futhi silokhu siqhubekile nokwanda isibalo samakhasimende athutheleka ebhizinsiini lethu uma efuna ukubhucwabhucwa, ukwenziwa izinzipho nokunye okufuze lokho,” kusho uNksz Kwinana ngeqholo nokuzethemba.
Ephetha, uthe bafuna ukugcina sebetholakala esifundazweni sonkana, bacije izisebenzi zabo ngamakhono angaphezu komsebenzi eziwenza ebhizinisini.
“Ngaphezu kwalokho, sifuna ukusiza izitshudeni zasemakolishi ehlukahlukene esifundazweni, ngokuzinika ithuba lokufundela umsebenzi enkampanini yethu ukuze zithuthuke emakhonweni azo,” kuphetha uNksz Kwinana.