UKHUTHAZWE ngabazali bakhe ukuzimela nokuzisebenza, owesifazane waseMlaza uyise amkhulise ngebhizinisi lokwenza amakhabethe, nobehlala emkhuthaza ngokugxila emfundweni nokuba nento eseceleni azoziphilisa ngayo.
Yingaleso sizathu uNksz Sethabile Khumalo, asungula iSethabile Designs, ibhizinisi le-graphic design; lapho enza khona ama-poster ezikhangiso zemicimbi nokunye okufuze lokho, aphinde enze i-printing ne-branding yezinkampani.
UNksz Khumalo (25) waseMlaza, eNingizimu yeTheku, uthe yilezo zimfundiso zikayise ezenza wabhalisa ibhizinisi ngo-2016, agcine egxila kulo ngokuphelele ngo-2021 esesesimeni esihle sokugxila kulo ngokuphelele.
“Yilokho okwenze ngagcina ngithatha into engiyiqale sakudlala ngisakhula ngayenza ibhizinisi, sengikhuthazwa nawukunconywao abantu bencoma umsebenzi wami ngisaqala ukwenza ama-design,” kuchaza uNksz Khumalo.
Eqhuba, uthe ekhula ubefisa ukuba yi-accountant, kodwa ngokubona ukuthi ubuciko obunje buyamsebenzela, wanquma ukugxila ekukhuliseni ibhizinisini yize engakubukeli phansi ukubaluleka kwemfundo.
Ukufakazela lokho, unesitifiketi se-Design Technique saseCreatrive Arts College, kanti kumanje wenza i-Financial Management eCoastal College.
Uthe ziyafika izikhathi zobunzima ebhizinisini ikakhulu ngoba ligcwele abantu besilisa.
“Lokho kudala ukuthi abanye abantu baweye umsebenzi wami ngoba ngiwumuntu wesifazane, nokungabi nayo imali yokukhulisa ibhizinisi ngokushesha kwenza izinto zingasheshi ngendlela engifisa ngayo.
“Yingakho ngenza isiqiniseko sokuthi ngenza into yamehlo, ehlukile nezogculisa ikhasimende kunoma yini engiyenzela lona - ukuze lingangikhohlwa uma selifuna ukwenzelwa okufanayo ngelinye ilanga,” kuchaza uNksz Khumalo.
Le ntokazi ephinde ibe yi-graphic designer yenkampani i-Wear Your Brand yomculi wowokholo uMalusi Mbokazi, ithe isibheke ukuqhubeka nokuzikhandla ebhizinisini ukuze iSethabile Designs ibe namagatsha kulo lonke leli zwe.