‘UNKULUNKULU muhle ngezikhathi zonke. Kwasekuqaleni ngesikhathi ngizinikela emaphoyiseni ngangishilo ngathi anginacala”.
Lawa ngamazwi omdansi wase-Afrotainment, uNhlanhla “Sgaqa” Chiliza ngemuva kokuthi iNkantolo yeMantshi eThekwini ichithe icala lokudlwengula abebekwe lona ngoLwesihlanu.
USgaqa (31) ubesolwa ngokudlwengula intombazane ena-13 engumakhelwane wakhe ngo-Agasti.
Leli cala lihoxisiwe ngemuva kokungatholakali kobufakazi obumatanisa uSgaqa naleli cala
Engxoxweni abe nayo neSolezwe ngeSonto uthe ngesikhathi evalelwe ejele eWestville abantu abetoke nabo bebemkhuthaza ukuthi akathandazele ukuthi kuvele iqiniso.
“Abafowethu lapha phakathi bebengixoxela izitori zabo. Besho ukuthi baningi abantu abagcina begwetshelwa into abangayazi. Ngazinikela emaphoyiseni ngoba ngifisa ukuthi umthetho udlale indima yawo,” kusho uSgaqa.
Uthe leli cala limphazamisile emsebenzini njengoba abaphathi bakhe bathatha isinqumo sokummisa ekudanseleni izihlwele.
“Bese ngingasekho emehlweni abantu. Bese ngisiza ekufundiseni umdanso ozakwethu. Bekunzima ngoba nangasekhaya kunezinhlelo zokuthuthukisa abantu abasha ebengizihlelile engigcine ngingaseyona ingxenye yazo,” kusho uSgaqa.
Ubonge umndeni wakhe, ozakwabo base-Afrotainment, abangani nomphakathi wangakubo ngokumeseka.
Uthe nasemsebenzini bebelinde isinqumo senkantolo ngoba abahambisani nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
“Emsebenzini ngisebenza kakhulu namantombazane ngakho bekumele babe nesiqiniseko sokuthi ngabe aphephile ngempela uma enami. Emuva kwecala ngibuyele kwengidume ngazo umdanso. Sihambele umcimbi waseRichards Bay ngoLwesihlanu abantu bangamukela kahle. Ekuseni sivukele e-Estcourt, ntambama siya eGoli,” kusho uSgaqa.
Ebuzwa ngesinqumo somndeni wammangali wokulidlulisela phambili icala uthe uma umthetho ubavumela abenze njalo kodwa nalapho iqiniso lizovela.Umphathi wase-Afrotainment, uDJ Tira ukhiphe isitatimende ngemuva kokuchithwa kwecala.
Uthe: “Sivumele uMnuz Chiliza ukuthi ahlabe ikhefu emsebenzini ukubhekana nezinsolo. Siyajabula ukunazisa ukuthi usebuyele emsebenzini kusukela namhlanje. Sesilangazelela ukumbona ejabulisa abantu eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.”
Udadewabo kammangali uthe bathathe isinqumo sokuthi udadewabo angaphinde ahlale kule ndawo okwenzeka khona isehlo.