UMFELOKAZI wesihlabani somculo wokholo esingasekho emhlabeni, uSfiso Ncwane, ukhiphe incwadi ekhuluma ngempilo yomyeni wakhe.
Lezi zindaba uziveze ekhasini lakhe enkundleni yokuxhumana i-Instagram izolo. Uthe le ncwadi esihloko sayo sithi For The Love Of Sfiso Ncwane iphume ngoLwesine ebusuku.
Ubonge inkampani i-Izani Publishers ngokuqinisekisa ukuthi le ncwadi ebese ikade ilindwe ngabomvu igcina ilibonile ilanga.
“Isiyatholakala kithina, kodwa ngesonto elizayo izoqala itholakale emashalofini ezitolo ezidayisa izincwadi iCNA ne-Exclusive Books,” kusho u-Ayanda.
Uthe ubengaqondile ukuthunuka abalandeli bomyeni wakhe amanxeba ngokubhala le ncwadi.
“Ngibone abantu behlengezela izinyembezi ngesikhathi befunda le ncwadi emcimbini. Ngiyanithanda nonke, ngicela nithakasele uhambo lo mndeni wakwaNcwane enizofunda ngalo kule ncwandi,” kusho u-Ayanda.
Ufisele abantu ukufunda okuhle, wathi unethemba lokuthi bazoyithakasela le ncwadi. Abalandeli bakhe bazithakaselile lezi zindaba zokukhishwa kwencwadi kaSfiso.
Abaningi baveze ukuthi abasakwazi nokulinda indlela abalangazelele ngayo ukuyifunda.
Bamncomile u-Ayanda ngesibindi sakhe nokukwazi ukumelana nesimo esinzima sokushiywa umyeni wakhe esemncane.
Abanye bambize ngeqhawekazi, betusa ukusebenza kwakhe kanzima.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwakhe ayiphumelelanga. Ethintwa u-Ayanda ukhale ngokuthi usashayela ucela ukuphinde afonelwe emuva kwemizuzu ewu-45.
Ngesikhathi asibekile ucingo lwakhe beselukhala lungabanjwa.