UKUBONA izingane ezifunda ezikoleni zasemakhaya nezasemalokishini zibhuquza emakhaya ngoba izikole zivaliwe ngenxa yeCovid-19, kodwa ezifunda ezikoleni zezinye izinhlanga ziqhubeka nokufunda, kumenze wavula inkampani efundisa odado ulimi.
UNksz Gloria Thandekile Mngadi (30) waseNdwedwe, usungule uhlelo lokufundisa izingane ezincane ezineminyaka ephakathi kwemine kuya kwewu-12 ngoWhatsApp isiZulu nesiNgisi.
Lolu hlelo ulubiza ngeNgosi Yabantwana.
Kulolu hlelo izingane zifunda ukubhala nokufunda lezi zilimi.
UNksz Mngadi oneDiploma yeLanguage Practice ayifundela eDurban University of Technology (DUT) uke wafundisa isiZulu khona eDUT, uyimbongi nombhali wezincwadi zezingane.
Uthe ngesikhathi izikole zisavaliwe kuleli ukuze kunqandwe ukusabalala kweCovid-19, izingane ezifunda ezikoleni zasemakhaya nasemalokishini zaze zakhohlwa ebese zikufundile ngoba bezivuka ekuseni ziyodlala kanti ontanga yazo abafunda ezikoleni ezithuthukile, bebefunda besemakhaya kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje.
"Ingiphathe kabi le nto uma ngiyibuka, ngakhumbula ukuthi nami ngingowasemakhaya lapho kusanezinselelo eziningi. Izikole ezithuthukile bezisebenzisa ezobuchwepheshe ngoba abazali bezingane ezifunda kulezi zikole bayakwazi ukuzisebenzisa. Ngibe sengifikelwa ukuthi ulimi yilona olubaluleke kakhulu enganeni nasempilweni ngakho uma ngingafaka esivivaneni ngokuthi ngifundise izingane ulimi ngoba yilo olubaluleke kakhulu, kungaba kuhle. Ngikhethe ukufundisa ulimi lwesiZulu nesiNgisi ngoba ezinye izifundo ezifundwayo esikoleni, ezinye zifundwa ngesiNgisi kanti ekhaya ingane ikhuluma isiZulu. Ngibone kubalulekile ukuthi ingane izifunde zombili lezi zilimi iziqonde kahle ngoba ekilasini asikho isikhathi sokutolikelana. Lapha uma ingane ingazi ngiyayicathulisa,“ kusho yena.
Uthe abazali abaningi banawo uWhatsApp, yingakho ekhethe ukuthi asebenzise wona ukuze axhumane nezingane ngawo.
"Inhloso yami enkulu ukuthi ngifundise izingane ukuthi zizethembe uma zikhuluma ulimi. Ngokuhamba kwesikhathi ngifuna ukuthi ngizicije ukuze zikwazi ukungenela umncintiswano wezingane wokupela amagama, i-Spelling B. Ngikhathazwa ukuthi ngiye ngibone izingane zakwamanye amazwe ziqeqebula kwi-TV, uma ngiziqhathanisa nezethu ngibona ezethu zisilele emuva," kusho yena.
Uthe izingane uzifundisa ngendlela elula kuzona; njengokucula nokudweba ngoba kulula ukuthi zikhumbule uma zifunda kanjalo.
"Ingane ehlala ifunda noma ngabe ifunda into encane ihlala inomqondo oqaqekile. Ngifuna ukutshala leyo mbewu kulezi zingane, zikukhuthalele ukufunda," kusho yena.
Uma engafundisi odado uthe usuke esebenza enkampanini yakhe i-GTNAQM PTY Ltd eyenza imisebenzi ethinta ulimi.
Incwadi yakhe yokuqala yezingane ethi UMimi noZuzu Esikoleni ishicilelwe ngo-2015, nyakenye ubhale eyezinkondlo ngeCovid-19.
UNkz Mngadi unenhlangano esiza amantombazane ngamaqakelo, iGloria Thandekile Foundation, athi ibuye isize umphakathi njengoba kuneCovid-19.