ULWAZI, amacebo nezincomo azokuthola ohambeni lwakhe locwaningo alwenza eNgilandi, ukholwa wukuthi luzomsiza akwazi ukulwa nesihlava sokuhlunyezwa kwabantu besifazane - ikakhulu ezikhungweni zemfundo ephakeme eNingizimu Afrika.
UDkt Mandisa Makhaye (29) waseGroutville, KwaDukuza, uxoxisene neSolezwe eseNgilandi, lapho enza ucwaningo oluxhaswe yiThe British Council. Uthi izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli, zimenze wafisa ukubamba iqhaza ekutholeni amasu okunqoba inkinga.
“Nakuba uhambo lwami locwaningo lungamasonto ayisithupha kuphela kodwa ngibheke ukubuya nolwazi oluzongisiza ukulwisana nale nkinga. Ngizobheka ukuthi yini abayenza kangcono eNgilandi, ukulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane, ikakhulu ezikhungweni zemfundo ephakeme,” kuchaza uDkt Makhaye.
Eqhuba uthe okumbeka ocwaningweni namuhla, wukuthi ngesikhathi esenza iziqu zeMaster’s wayebheka izigameko zodlame olwenzeka emanyuvesi, ukuthi ngobani abagileka kakhulu nokuthi kungani kwenzeka kanjalo.
“Imibiko eminingi yangikhombisa ukuthi yize kwenzeka izigameko zobugebengu obehlukene emanyuvesi kodwa eziningi zithinta ukuhlukumeza ngokushaya nokunukubezwa ngokocansi kwezitshudeni zabesifazane. Zihlukunyezwa yizisebenzi nezinye izitshudeni ezisezikhundleni emanyuvesi. Yilapho engathatha khona isinqumo sokuqhubeka nocwaningo lwami sengibhekene ngqo nale nkinga,” kuchaza uDkt Makhaye.
Uthi embikweni wocwaningo lwakhe aseqalile ukuwuhlanganisa, udidiyela izethulo ezichaza ngokuthi abantu abasezikhundleni emanyuvesi nasemakolishi bawasebenzisa kabi kanjani amandla abanawo, ukuhlukumeza izitshudeni zabesifazane.
“Nginethemba lokuthi ukubhala kwami umbiko kuzosiza ukuvula amehlo eziphathimandla zasemanyuvesi. Kwenze zibone ukuthi sibhekene nenkinga enkulu ngakanani, ukuze kusetshenziswane ekuyixazululeni ngokubambisana,” kuphetha uDkt Makhaye, ophothule iPhD e-UKZN.