BAYINDABA egudwini abantu besifazane baseMsinga eNgome asebethenge izimoto ngemali abayenze ngokudayisa imisebenzi yezandla.
UNkk Ntombifuthi Ngubane, ongomunye wabesifazane abayisikhombisa abayingxenye yeSiyazama co-operative eyakha izimbenge, amacansi, amavovo neminye imisebenzi yezandla iyidayise kule ndawo, uthe baqale ngo-2019 ukusebenzisana. Phambilini bebekwenza umuntu ngamunye engakwenzeli ukudayisa.
Uthe bathola usizo kuMasipala uMzinyathi ngokuthuthukisa ikhono labo lenziwa laba yibhizinisi ngaphansi kohlelo i-Extended Public Works Programme.
"Besingomama abazihlalela emakhaya kodwa sikwazi ukwenza imisebenzi yezandla. Umqeqeshi wethu owayejutshwe wumasipala wasifundisa ukuthi ngaleli khono lethu singakwazi ukuba ngosomabhizinisi, uma sizokwazi ukuthi sidayise, enye imali siyonge," kuchaza uNkk Ngubane.
Uthe badlala isitokofela sikaR1000 njenyanga, yikho okubasize ekutheni ababili kubo bakwazi ukuthenga izimoto abazisebenzisela ukuthutha izingane eziya esikoleni nokuthwala imikhiqizo yabo bayoyidayisa.
"Uma unemali akumele ubonakale ngokuthi uye esitolo uyothenga ugcwalise ubhasikidi. Thenga lokho okudingayo kuphela, enye imali uyibekele ukuthi uthuthukise lona ibhizinisi. Mina ngabona ukuthi ngidinga imoto ukuze ngizokwazi ukuthwala imikhiqizo yami ngiyoyidayisa edolobheni. Ngidayisa amavovo namacansi edolobheni, bese ngifaka nezinye izinto ezincane engingazakhi mina kodwa ezithengwayo ukuze ngandise imali engenayo zonke izinsuku. Angishayelelwa, ngiyazishayelela. Ngalandela uhlelo lokufunda ukuze ngizokwazi ukuhamba ngesikhathi engifuna ngaso ngingathembeli komunye umuntu.“
Uthe akuyena yedwa osebethenge imoto eyiveni, okuyizona ezidingekayo emsebenzini wabo.
“Asikayekile ukuqhubeka nokuzithuthukisa siyaqhubeka. Siphazanyiswe wukuthi sike sashonelwa wusihlalo wethu. Manje amaphepha ethu awakalungi njengoba engakacishwa. Uma sizama ukungqongqoza kwezinye zindawo sisavinjwa yilokho," kusho yena.
UNkk Nobuhle Kweyama uthe yena usefundise izingane zakhe ezintathu, zagqoka amajazi eNyuvesi elekelelana nobaba wekhaya.
"Abanye bethu bakhile imizi ngale mali konke lokhu esikwenzayo besingeke sikwazi ukukwenza ukube uMzinyathi awusinikanga lamasu okuphila," esho uNkk Kweyana.
IMeya yaseMzinyathi uMnuz Petros Ngubane, ithe kuyayithokozisa okwenziwe ngabesifazane abathe uma benikwa ithuba lokuziphilisa bagijima nalo bangabe besahlehla.
"Siyaziqhenya kakhulu ngabo. Bafunde ngo-2019 kodwa sebebala izinto ezinkulu abazenzile, okuyinto esijabulisa kakhulu ukuthi bafunde ukuzenzela bangabheki ukuphiwa izijumbane zokudla. Sebebuya naseGoli ukuyokhangisa umsebenzi wabo, okuyinto abebengacabangi ukuthi iyoke yenzeke ngesikhathi besahleli emakhaya,“ kusho uNgubane.