UFISA abantu babumbane ngenhloso yokulwa nodlame emphakathini owesifazane ongummeli futhi ongunobhala wenhlangano i-South African Women Lawyers Association Student Chapter (SAWLA SC).
UNksz Thandi Buthelezi ongowaseDurban North, eThekwini uveze ukuthi le nhlangano igxile kakhulu emacaleni aphathelene nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
"Ngifisa abantu emphakathini bahlangane badlale indima yabo ukulwa nalolu dlame. Ngingathanda ukubona abantu bewuyeka lo mcabango wokuthi 'mina angingeni lapho' kodwa baqale bazibone beyingxenye ebalulekile yomphakathi," usho kanje.
Eqhuba uthe akufanele abantu bazizibe izehlekalo zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Uthe abantu kumele bazi ukuthi izigameko zokuhlukumeza abazibukela kude zingagcina zifinyelela nakubantu abasondelene nabo.
"Injongo yale nhlangano ukuthi iveze abantu besifazane kuyo yonke imikhakha yomthetho kanye nokwakha amathuba abantu besifazane ukuthi babonakale. I-SAWLA SC iyinhlangano yabantu besifazane bodwa esiza abantu besifazane abasha. Sifisa ukuba inhlangano emela abantu besifazane abakwezomthetho," kuchaza uNksz Buthelezi.
Uthe bakhetha ukugxila emacaleni okuhlukunyezwa kwabesifazane ngoba befisa ukubona imiphakathi eyaziyo ngokuthi kuyini ukuhlukunyezwa nokuthi abagilwa bazizwe bevikelekile.
“Sifisa ukuthola uxhaso lokuthi kube nemihlangano yomphakathi ukuze abagilwa bezoziveza endaweni evikelekile. Uma amaphoyisa nosonhlalakahle bedlala indima yabo futhi befundisa kube nokwelulekwa kwabagilwa, singabe sihamba ngendlela eya phambili. Sifisa ukubona umthetho oqinile kubantu abahlukumezayo ukuze sehle isibalo sokuhlukunyezwa,” kuchaza yena.
Le nhlangano ibuye inikezele ngohlelo lokufunda amakhono, ubuholi kanye nokuthola ulwazi.
Ithimba labo uthe limi kanje: Usihlalo - uNksz Hazra Moosa, Isekela likasihlalo- uNksz Nelisiwe Majikijela, yena unguwunobhala kanye nesekela lakhe uNksz Cebile Khubeka, umgcinimafa uNksz Andiswa Ntombela, owezokuxhumana uNksz uMandisa Mdunge, owezomthetho nocwaningo uNksz Mbalenhle Biyela kanye noNksz uNeliswa Majikijela wezemicimbi.
UNksz Buthelezi uthe akaze abe nobunzima ngokuba unobhala wenhlangano ngoba ube nenhlanhla yokusebenza nabantu ababambisene kahle.
"Ukuba unobhala kusho ukuthi uyinjini yenhlangano, lokho kusho ukuthi kumele ngihlezi ngitholakala ukuphendula izidingo zabantu," kusho yena.
Uphinde wathi imbangela yokuthi afise ukuba ummeli yasukela othandweni lomthetho aluncela kunina.
“Umama wami washona ngo-2010 futhi wayewuthanda umthetho futhi ethanda ukuba ummeli. Okubi ukuthi washona engalibonanga leli phupho lifezeka nokuyinto eyangenza ngagcina sengibe ummeli,” kusho uNksz Buthelezi.
Ngokuhamba kwesikhathi uthe ufisa ukubona banda abantu besifazane bengamajaji, izimantshi nokuthi banyukele phezulu emkhakheni wezomthetho kule lizwe nasemhlabeni jikelele.