AKUMELE kube nento abantu besifazane abathi abakwazi ukuyenza ngenxa yobulili babo.
Lokhu kushiwo nguNkk Thandi MaThabethe Ngxongo, ongumnikazi omusha wegalaji likaphethroli lakwaBP, elisemgwaqweni uChe Guervara (Moore Road) eBerea eThekwini.
UNkk Ngxongo uthathe ngokusemthethweni isikhundla sokuba ngumnikazi omusha wegalaji ngesonto eledlule, kanti kuyaqala ukuthi libe nomnikazi omnyama futhi ongowesifazane.
Elandisa Isolezwe uthe abasebenzi bamamukele ngezandla ezifudumele kodwa uyazi ukuthi ekujuleni kwezinhliziyo, bayazibuza ukuthi ngabe uzofika nani ngoba vele ushintsho lunjalo.
Ezinkundleni zokuxhumana bekuchwaza kusukela ngeledlule abantu bemhalalisela ngokuba ngumnikazi omusha wegalaji elidumile.
"Uma umsebenzi kade uphethwe wuhlanga oluthile, kubakhona ukuthi selizowa ngoba thina bantu abamnyama asinawo umlando wokuphatha umsebenzi onjengegalaji likaphethroli. Kuliqiniso ukuthi ngiyaqala ukuba umnikazi wegalaji kodwa emkhakheni kaphethroli sekunesikhathi ngikhona," kusho uNkk Ngxongo.
Le ntokazi ekhulele eMooi River, ithi iyaziwa ukuthi ingowesifazane ofohlayo uma esezitshelile ukuthi into uyayenza futhi iyaphumelela.
Iqhube yathi uhlelo lokuthenga ibhizinisi limthathe iminyaka emibili ngenxa yemicikilisho elandelwayo uma uthenga igalaji.
"Kunemicikiliso eminingi ngaphezu kwalokho kudingeka ukuthi okungenani ubenoR1 million okuyimali okungelula ukuthi ubenayo uma ungenawo amanye amabhizinisi. Amabhange amadolonzima ukukuboleka imali ngoba uthathwa njengomuntu oyingozi ngenxa yokuthi awunawo umlando webhizinisi. Ngasifaka isicelo sokuthenga ngikwazi konke lokho. Bengigabe ngokuthi umkhakha kaphethroli ngiwazi njengoba ngizazi, bengisesikhundleni esiphezulu kwa-Engen.“
Ushiye kule nkampani ngeledlule eyiHealth Safety Environment Quality Business Partner Manager (HSEQ), ebhekele iNingizimu Afrika nezinye izingxenye ze-Afrika.
Uthe ngesikhathi ekhula eMooi River, babengabaningi abantu ayebukela kubo abenza imisebenzi ehlukile, umkhakha weChemical Engineering wawukhetha ngoba azi ukuthi ngowabantu abahlakaniphile futhi uhola imali eningi uma usuwenza.
"Ngangifundela ukuthi ngiqashwe, ngihole imali eningi. Ngangingacabangi ukuthi ngizogcina ngiwusomabhizinisi.“
Uthe uthando lokungena ebhizinisini ube nalo ngesikhathi enza izifundo zeMasters of Business Administration (MBA) e-UKZN ngo-2017, ayiphothule ngo-2019.
"Ngenza ucwaningo olwalubheka ushintsho emkhakheni kaphethroli nabanikazi bamagalaji kaphethroli. Kulapho ngabona khona ukuthi empeleni abantu bezifazane bayingcosana. Ngaba nevuso lokuthi nami ngingene kuwo ngibe yingxenye yokuwushintsha. Ngiwumuntu ongahlehli esinqumeni uma esesithathile. Uma unginike umsebenzi ngisebenza ngokuphindiwe.
“Uma ngiphelelwa amandla, ngibheka ukuthi bangaki abantu abakhulele emakhaya njengami ababukela kimi. Ngizibuze ukuthi bangaki abathola umfutho ngokubona izinto engizenzayo, bese ngizibamba ziqine ngiqhubeke noma kunzima," kusho yena.
Le ntokazi inendawo edayisa ukudla kwesintu iThandi's Kitchen, eMbilo eyivule nyakenye.