ZIFE olwembiza izintombi zoMhlanga ngemva kokukhothama kweSilo saMabandla, ebesizikhuthaza nangokuzigcina, zizithibe ocansini.
Enye yezintombi nto nguNksz Brighton Shandu (24) waseMandeni, kodwa ohlolwa eMgungundlovu ngaphansi koThuli lwezicwe. UNksz Shandu uthe bekuvele kubuhlungu ukuthi nyakenye abazange balibhade eMkhosini woMhlanga ngenxa yeCovid-19 kodwa ukukhothama kweSilo kuvele kwashaya kwezwela.
"Angifuni ukuqamba amanga, mina ngife isibili ngoba bengemula ngesonto elizayo. Bekuzohlanganisa izinsizwa nezintombi ngoba sisazigcinile kodwa kuyacaca ukuthi umuntu ugqemeke udume lwengozi njengoba kukhotheme Ongangezwe lakhe. Okubuhlungu kunakho konke ukuthi eMhlangeni odlule asikwazanga nokuyomvalelisa, ngenxa yesimo esesiphila ngaphansi kwaso," kusho uNksz Shandu.
Ephetha uthe ugqugquzele izintombi nto ukuthi ziqhubeke nokuzithiba. "Zimbali zezwe duduzekani ningapheli amandla. Ukuzigcina kwethu iyona ndlela esingahlonipha ngayo uNgangezwe lakhe. Ngiyazi sihlalele ovalweni lokuthi noMhlanga ungase uphele njengoba kuke kwaba nokuthinteka kwawo emnyakeni edlule," kusho uNksz Shandu.
Ungoti wezamasiko nohola izintombi zikaNomkhubulwane, uDkt Nomagugu Ngobese, uthe kusenzima ukwamukela lezi zindaba ngoba nombiko umfice eseSishayamthetho. Uthe Isilo sama nezintombi nomkhosi woMhlanga kunzima, uchithwa ndlela zonke.
"Isilo besilimela iqiniso ngesiko. Sithanda nabantwana bethu sibaluleka ngendlela yokuziphatha. SIlimele kakhulu, ngikhumbula sake sama nathi nezintombi kunzima ucindezelwa umkhosi woMhlanga. Ziyakhala nezingane selokhu kufike umbiko kodwa sizolinda sizwe ngokuqhubeka kwezinhlelo ukuthi kwenziwa njani njengoba kusenale nkinga yeCovid-19," kusho uDkt Ngobese.
INduna yezintombi nto eNtuzuma uNksz Nondumiso Dladla (33) owaqala ukuhamba uMkhosi woMhlanga eno-14 uthe awehlanga kahle umbiko wokukhothama kweSilo. Uthe kodwa unethemba lokuthi izintombi zizohamba phezu kweziyalo ebesihlala sizikhipha emcimbini yezintombi mayelana nokuziphatha. "Kuningi iSilo ebesihlala sisifundisa kona nokwenza izintombi zilokhu ziqhubeka nokuzigcina. Ngiyafisa ukuthi ngokukhothama kwaso siqhubeke nezimfundiso zeSilo singabe seiphela amandla. Sishayekile kubuhlungu ngoba besinethemba njengoba ebesesibhedlela kodwa sizoduduzana siqhubeke nokuwuhamba uMkhosi woMhlanga," kusho uNksz Dladla.