KUQOPHEKE umlando kumapiano kuhlangana abalandeli baDj wesifazane waseThekwini engazelele, nokuyinto evame kubaculi bamaskandi abadume ngokuba nabalandeli ezindaweni ezahlukene. UDj Hlo uhlangene nabanye babalandeli bakhe eThekwini ngoLwesihlanu lapho bezethule kuye ngokusemthethweni njenge Dj Hlo Nation. Laba balandeli kulindeke ukuthi babonakale emcimbini eyahlukene lapho enandisa khona yize bengeke bahambe naye njalo njengoba kwenzeka nakwabanye abaculi.
Ukuba nabalandeli abaphumela obala baziveze ngesikhathi abaningi bemncofa, uDj Hlo ukuthathe njengento eyisibusiso kuye nathemba ukuthi kuzoba ubufakazi bothando aluthola kubalandeli bangempela. Yize ezinkundleni zokuxhumana esancofwa kodwa uthe akasakufaki enhliziyweni futhi neDj Hlo Nation izesulile izinyembezi.
" Okokuqala umuntu wamapiano enabalandeli, nami ngathuka kakhulu bengazisa ngokuthi sebehlangene bengabalandeli bafuna ukungeseka. Ngifisa nabahlala bengithuka babone ukuthi bakhona abangithandayo. Okwamanje ngisababiza ngeDj Hlo Nation noma singenazo izimpahla eziwumfaniswano kodwa siyahlangana kube mnandi," kusho uDj Hlo.
Ngaphandle kwabalandeli newayini lakhe iLe Maz igila izimanga njengoba nabanye bosaziwayo nabasakazi bebonakala nalo ezinkundleni zokuxhumana. Ukuba usomabhizinisi ngezinye zezinto afisa ukukhula kuzo. Ingoma yakhe esashisa izikhotha ethi Visa, ngenye yezingoma ezilokhu zihamba phambili nasemsakazweni kanti manje umatasa nokuqopha entsha noSky Wanda ethi Inhliziyo yami.