UNQOTSHWE wuNksz Bongiwe Zama Shange umncintiswano wokupheka obizwa ngeMzansi Tavern Chef Cook-Off, obubanjelwe eChefs Training and Innovation Academy, eMorningside, eThekwini, ngoLwesibili. UNksz Shange ungoweLeon’s Tavern yaseNanda.
Lo mncintiswano, obhekelele ukukhuthazwa kokwenziwa kokudla ezindaweni zokucima ukoma, bese kungokwesithathu wenziwa njengoba uvulwe eWestern Cape, waya nase-Eastern Cape ngasekuqaleni konyaka.
Ngokunqoba kwakhe uNksz Shange, ubhincisele nxanye abapheki abawu-14 abengenele nabo umncintiswano, kanti ukhale wemuka noR30 000 azosebenzisa ingxenye yawo ukusiza ukuthenga izithako zokudla endaweni asebenzela kuyona.
“Ngijabule kakhulu ngokudla umhlanganiso kulo mncintiswano ikakhulu ngoba bengingakulindele ukunqoba ngenxa yokuthi bengincintisana nabapheki osekuyisikhathi eside benza lo msebenzi, ekubeni ngiqale ukugxila kuwona nyakenye.
“Lokhu kungikhuthaze kakhulu, kwenza ngakholelwa kakhulu kimina, kangangokuthi sengibheke ukuqhubeka nokuzimisela emsebenzini engiwenzayo - ngigcine senginenkampani yokupheka,” kusho uNksz Shange, ogculise amajaji ngesitshulu semvu nojeqe okuhambisana ne-salad.
Ngokunqoba kwakhe kulo mncintiswano uzibeke ethubeni lokuhlabana ngoR100 000 esigabeni esilandelayo somncintiswano esizoba seKapa ngosuku olungakamenyezelwa.
Inkakha kwezokupheka ebingelinye lamajaji omncintiswano, uMnuz Pete Goffe-Wood, uthe ukumangalisa kwethalente lokupheka kwabebencintisana kwenze umsebenzi wabo waba nzima.
“Lokho kwenze sabona ukuthi baningi abantu abasha abanethalente lokupheka esifundazweni, nokuthi kumele sibakhuthaze futhi sibeseke kwabakwenzayo ukuze bachume kukho. Sikholwa wukuthi lo mncintiswano uzoba wusizo kakhulu ukufukula abapheki abasafufusa basemalokishini,” kusho uGoffe-Wood.