UKUPOTOPOTOZA ibele uzihlole ukuthi awunawo yini umdlavuza webele akuyona kuphela indlela engaphephisa abesifazane ekuhlaselweni yilesi sifo.
Ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi ukuphuza utshwala, ukukhuluphala ngokweqile nokungawunyakazisi umzimba kwandisa amathuba okuthi abesifazane bahlaselwe yilesi sifo.
Umqingo wezempilo iWall Street oshicilelwe kuleli sonto uveza ukuthi omunye umsuka omkhulu womdlavuza webele onganakiwe ukuphuza utshwala, ukukhuluphala ngokweqile kanye nokunyakazisa umzimba.
Ungoti ohlinza abanomdlavuza webele, uDkt Melissa Pilewskie ucashunwe kulo mqiqngo ethi izindlela ezisetshenziswayo njengamanje zokuhlola ukuthi abesifazane abanaso yini lesi sifo zikha phezulu.
“Akumele kusetshenziswe indlela eyodwa ukuhlonza ukuthi umuntu ngabe unawo yini umdlavuza webele, kungabhekwa ukuthi uyini umsuka.”
Lolu cwaningo oluveza lokhu iPink drive okuyisikhungo esiqwashisa, siphinde sifundise ngomdlavuza webele kuleli, siveza ukuthi empeleni sekunesikhathi kuvele ukuthi ukuphuzwa kotshwala kunomthelela ekutheni ababuphuzayo bahlaselwe umdlavuza.
Bathi isikhungo socwaningo i-International Agency for Research on Cancer ocwaningweni lwaso eyalwenza ngo-1981, luveza ukuthi isithako esitholakala otshwaleni i-ethanol emzimbeni iphenduka ushevu, i-acataldenhyde ekhubaza umzimba ekutheni ucubuze ezinye izinto ezingadingeki.
Uma zingasacubuzeki zingena emzibeni njengezakhamzimba ezifike zakhe ama-cell omdlavuza.
Ziningi izinhlobo zomdlavuza eziyamaniswa nokuphuzwa kotshwala, kuzo kubalwa umdlavuza womlomo,owomphimbo, owesibindi, owebele neminye.
Inhlangano yomdlavuza kuleli iCancer Association of South Africa ithi yize likhona izinga elibekiwe lokuthi umuntu kumele aphuze utshwala obungakanani ngesikhathi kodwa lokhu akumsindisi ekuhlaselweni umdlavuza.
UNkk Janice Benecke wePink Drive eThekwini uthe lokhu akusho ukuthi umdlavuza ungadalwa utshwala kuphela kodwa kodwa kumele bube ngezinye zezinto
eziqashelwayo.
Uthe uma umuntu esheshe wasukuma lesi sifo siyelapheka.
Omunye wabantu umdlavuza wabo owelapheka uLilian Dube ongumlingisi. Wahlinzwa ibele okuyingxenye yokuvikela ukuthi lesi sifo singasabalali emzimbeni ngo-2008.