SIHLULEKE nokuzibamba yinjabulo isitshudeni saseDurban University of Technology (DUT), ebesenza iManagement Accounting, uNksz Asanda Zondi, ngokwamukelwa kwensipho yaso, iSiqalosisha, esizotholakala eSpar oseSelgro Centre, eMgungundlovu.
UNksz Zondi (21), oqale leli bhizinisi ngo-Agasti 2021, uthe ujabule kakhulu ngokuthola ithuba lokusebenzisana nabesitolo, iSpar, futhi akasakwazi ukulinda ukubanika umkhiqizo wakhe.
“Ngijabule kakhulu ngaleli thuba, ikakhulukazi ngoba bekuwumqansa kimi ukuthola amakhasimende ngisaqala ibhizinisi, okwenze ukuthi ngisebenze kanzima, ngingaphosi ithawula, ukuze ibhizinisi lichume,” kuchaza uNksz Zondi.
Le ntokazi yaseMlaza, eningizimu yeTheku, iveze ukuthi yenza imikhiqizo engaphezu kwa-100 ngenyanga kanti isiqashe abantu abane ebhizinisini layo. Ithe ibhizinisi yinto ebihlale isenhliziyweni yayo, nokuthe ingabona ithuba lokwenza ibhizinisi elinje, yagxuma yahlala.
“Benginothando lwebhizinisi futhi kuvele kuyisifiso sami ukusiza abantu ngemikhiqizo yokuhlanza ezindlini ukuze bazivikele emagciwaneni bona nemindeni yabo.
“Kuthe sekubhoka iCOVID-19 ngabona isikhala kule mboni, okuyingakho ngiguqule umcabango ebenginawo waba yibhizinisi eselithela izithelo manje,” kuchaza uNksz Zondi.
Ephetha, ubonge isikhungo sokuthuthukisa amabhizinisi esingaphakathi enyuvesi, i-Innobiz DUT, ngokumsiza ukumcija ngolwazi lokuqala nokuchuma kwezamabhizinisi.
“Ngifike kulesi sikhungo nginombono, bangisiza ukuwenza ube yimpumelelo ngokungicija ngezamabhizinisi; kubalwa indlela yokuphatha ibhizinisi nokuthi izicelo zokuxhaswa zenziwa kanjani,” kuphetha u-Asanda.
UNksz Nontokozo Ngcobo, we-Innobiz DUT, uthe kuyajabulisa ukubona izitshudeni ezidlule ngaphansi kwesandla sabo zichuma ngamabhizinisi abo.
“Siyambongela kakhulu uNksz Zondi ngempumelelo yebhizinisi lakhe futhi sikhuthaza nezinye izitshudeni ukuzicija ngolwazi lwamabhizinisi,” kusho uNksz Ngcobo.