UKUSEBENZA ngokubambisana kwesikhungo i-University of KwaZulu-Natal nemboni yamatekisi kuyazehlisa izinselelo zokuhlukumezeka kwabesifazane abasebenza emarenki.
Lokhu kushiwo nguSolwazi Busi Ncama, oyiPhini likaShansela kulesi sikhungo.
USolwazi Ncama uthe ngemuva kwezikhalazo zabesifazane zokuthunazwa kwesithunzi sabo ngenxa yezinto ezenzeka emarenki, i-UKZN yazibophezela ekutheni iqale ukwenza ucwaningo ngo-2008 mayelana nezigameko zokuhlukumezeka kwembokodo embonini yamatekisi ngenhloso yokulwa nezinkinga ekhala ngazo.
"Uma senza ucwaningo sihambela wonke amarenki sesiphethe lonke ulwazi lwezinkinga abagibeli abakhala ngazo, kanjalo nabesifazane abasebenza emarenki. Siyaye siqale ukubambisana nosomatekisi kusukela ekuqaleni kocwaningo kuze kufike esiphethweni salo.
“Uma sesikuqedile, siyaluhlanganisa bese siluhambisa njengoba lunjalo kososeshini ngenhloso yokuthi bazazi zonke izinkinga okukhalwa ngazo nezithinta indlela abaphatha ngayo abagibeli besifazane. Okuhle ke wukuthi imikhankaso ehlelwa emarenki siyaba yingxenye yayo, bese sifika kuyo sishumayele izwi lokuphathwa kahle kwabesifazane," kusho uSolwazi Ncama.
Eqhuba, uthe imiphumela yokusebenza ngokubambisana nabamatekisi iyabonakala njengoba kumanje bematasa nohlelo lokuqeda nya izitikha ezinemibhalo ethunaza isithunzi sabantu besifazane ezisuke zinamekwe ematekisini.
"Sikholwa wukuthi imikhankaso esizimbandakanya kuyo njengesikhungo ngokusebenzisana nemboni yamatekisi iyawenza umehluko. Kubukeka zincipha izitikha ezinamagama alumelayo. Njengamanje sishumayela izwi lokuthi indawo yaserenki ibe ngezinye zezindawo esizizwa siphephile kuyo. Kumanje sizezinhlelweni zokuyiqhuba imikhankaso nakwamanye amarenki njengoba sesiqalile ukuhambela awasePinetown ngokubambisana ne-Ayanda Msweli Foundation."
Echaza ngezinhlelo zokuhambela amanye amarenki, uthe bazohambela lawo asondelene namahostela ngenhloso yokuthi badlulise umyalezo womkhankaso abawuqhubayo kubantu besilisa abahlala emahostela.
Ephetha, uthe uyakhokwa wukuthi bazosizakala abantu besifazane ngemikhankaso abayiqhubayo njengoba beqhubeka besebenzisana kahle nemboni futhi bamukelwa ngezandla ezimhlophe.