KUNOMKHUBA wokuhlekisa ngabesifazane, kuthiwe abazazi ukuthi bafunani, kuthiwe bayakwazi ukuzenzisa ngisho into bengayithandi.
Ucwaningo lwakamumva olwenziwe yiMyEcho kwabesifazane abangu-1000 bakuleli, lucacisa kahle ngokufunwa yibona.
Lwenziwe ukubheka kuyo yonke imikhakha yempilo okubalwa umbono wabo kwezempilo, ezobuhle, ezothando nezokuvakasha.
UNksz Bette Midler obengomunye wabagqugquzeli kulolu cwaningo olubizwa ngeWhat Women Want, uthi kuhlaba umxhwele abakutholile.
Phakathi kwalokhu abebebuzwa kona abesifazane ukuthi yiziphi izimonyo abazithandayo nokuthi bazihlelela kanjani ezezimali. Ohlangothini lwezobuhle abesifazane baveze ukuthi bakhonze kakhulu i-lipstick nokokuziphophotha ebusweni.
Kwezezempilo kuvele ukuthi okubakhathaza kakhulu ukuyobonana nodokotela olapha izinkinga zabesifazane iGynaecologist.
Bathe kuba nzima ukukhetha abazoya kuye. Ngesikhathi bebuzwa ukuthi yini abayisaba kakhulu ngokwezempilo baveze ukuthi basaba ukukhuluphala, ukuba nokhwantalala nokuba nomdlavuza.
Mayelana nokuthi bafuna ukuhamba udokotela wesilisa noma owesifazane yini oyiGynaecologist, kuhlukane imibono. Bangu-71% abathe bancamela ukuya kowesifazane. Bechaza isizathu ukuthi kungcono ngoba owesifazane uyayiqonda kangcono imizimba yabo. Bathe kuyasabeka ukutshela udokotela wesilisa izinkinga ezithinta imizimba yabo.
Bebuzwa ngezothando bathe ukuxoxisana yikona okwenza izinto zihambe kahle. Bakhale nangokuthi bafuna ukunikezwa isikhathi esiningi yizithandwa zabo ukuqinisa uthando. Baveze nokuthi izipho abafisa ukuthengelwa zona ngabathandana nabo, ubucwebe.
AMAJINI asahamba phambili kwabesifazane abaveze ocwaningweni ukuthi bayazifela ngawo Isithombe: INSTYLE.COM
Mayelana nezindawo abafisa ukuzivakashela ngamaholide babale iParis neKapa futhi kube nendawo yokuzibhucunga umzimba. Kwezemfasini abadala bathe bagqoka kakhulu kwaWoolworths bese kuthi abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-24 bagqoke kwaMr Price.
“Sithole ukuthi abakujabulela kakhulu ngokuba umuntu wesifazane ukuthola izingane. Bathe ayikho into ejabulisa njengomuzwa wokuba ngumama. Bayakujabulela nokugqoka, abathe amajini yiwo abenza bazizwe bebahle kakhulu kuwona,” kusho umbiko wocwaningo.
Lolu cwaningo lwenziwe ngokuhlanganyela yiMyEcho Survey Platform neMooiste Clothing Boutique. Lwenziwe ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngeWomen’s Day nonyaka, kwaqoqwa izimpendulo ezingu- 1 151 ezweni lonke kwabesifazane abaxube izinhlanga neminyaka.
IMyEcho yasungulwa yiLightstone Consumer okuyinkampani eyenza ucwaningo lwezimakethe, egxile ePort Elizabeth, e-Eastern Cape.