ZIPHOKOPHELE phambili izintokazi zaseMnambithi esezizakhele igama ngokuthunga izimpahla zodokotela (scrubs).
UNksz Mbalenhle Makhanya (26) noNksz Philisiwe Mdunge (28) bathola iziqu zabo zeFashion Design e-University of Johannesburg eminyakeni edlule kodwa kwase kunesikhathi bethungela abantu ngemali.
Bekhuluma neSolezwe bathe umbono wokuthunga izimpahla zodokotela ubafikele ngesikhathi se-Covid 19 njengoba babengasekho abantu abafuna ukuthungelwa izingubo zemishado.
“Njengoba kwase kuvalwe izwe nemicimbi ingasavumelekile lokho bekusho ukushabalala kwebhizinisi lethu nokuyilapho sabona khona igebe lokuthungela odokotela kwazise ukuthi ibona abase bematasa ngaleso sikhathi,” kubeka uNksz Makhanya.
Muva nje bebeyingxenye yombukiso waseThekwini wezamabhizinisi, iDurban Business Fair, nalapho bebebukisa khona ngezimpahla zabo ezihlukene zodokotela nezangaphansi abazithungayo.
UNksz Mdunge uthe imindeni yabo iyabajabulela ukuthi sebefike kuleli zinga futhi sekuthela izithelo ababekuyela enyuvesi.
“Yize sisafisa ukugcina sisabalele nakwezinye izifundazwe kodwa sibonga kona ukuthi ikhona imali engenayo sikwazi ukuziphilisa sisize nalapho singaxhasa khona emindenini yethu,” usho kanje.
Uthe baningi abahlala bebancoma bethi abaqhubeke njalo naleli bhizinisi ngoba bayisibonelo esihle nasentsheni ebalandelayo ikakhulukazi njengoba kunezibalo ezinkulu zokukhulelwa kwentsha.
UNksz Makhanya unxuse noma ngubani ongaba nolwazi abacobelele ukuthi bangenza kanjani ukuze izimpahla abazithungayo bagcine bezisabalalisa ezibhedlela ezinkulu.
“Okwamanje sisaxhaswa yilabo abaseduze nathi noma abasebenzi bezempilo abaziyo ngathi kodwa sisanesifiso sokuthi senze umthamo omkhulu sizifake ezibhedlela ezinkulu,” kuphetha uNksz Makhanya.