Umbuzo
Ngingowesfazane osebudlelwaneni nobaba wezingane zami ezimbili, sesineminyaka ewu-11 sindawonye.
Manje kunomuntu wesifazane athandana naye sebeneminyaka emihlanu bethandana.
Mina bengazi ukuthi sebahlukana ngalesikhathi ngimbamba, manje ngithole ukuthi bayathandana futhi uyamfihlela ukuthi sesinengane yesibili thina naye.
Manje inkinga enginayo angazi ukuthi le ntombazane uyithembiseni ngoba mina wangilobola, asikashadi ngihlala emzini asakhela wona sisenengane eyodwa.
Ngisaba ukuhlala kulo muzi ngoba angazi wenzani nentombi yakhe, ngifisa ukuhamba ngiyoqasha ngoba ngiyabona ukuthi uyayithanda le ntombazane.
Impendulo
Abantu besilisa abafana nalo wakho bayingozi. Kusho ukuthi akazazi ukuthi ufunani noma ufuna bani phakathi kwenu, kukhona okukhulu ukungathembeki.
Kumele uma ezimisele ngesithembu akutshele phela ukuze uzinqumele ukuthi uyafuna ukuba kusona noma awufuni.
Ingozi yilo oyishoyo impela ukuthi engabe yena lo omunye umtshelani njengoba uthi umfihlele nokuthi seninengane yesibili.
Mhlawumbe naye wazi ukuthi anisathandani, kwazi bani?Mhlalise phansi umbuze ukuthi ufunani, bese wena uzithathela esakho isinqumo esizimele, ungabheki iminyaka eseniyithandene noma izingane zakho.
BUKA impilo yakho ukuthi izohamba kanjani. Uzoba nakho ukujabula kukhona lo wesifazane?
Ngikufisela inhlanhla, usazothatha isinqumo esibalulekile ngempilo yakho.