Usuku lwezithandani lusho okuningi kubantu abahlukene. Abaningi bathathele ezinkundleni zokuxhumana beveza okuhle abakutholile nabakwenzile ngalolu suku.
Umakoti ka-Andile Mpisane, uTamia naye ube ngomunye oshukumisa izinkundla zokuxhumana izolo ngokuhlukile.
Le ntokazi ifake izithombe enkundleni u-Instagram, eziqinisekisa amahlebezi okuthi ikhulelwe.
Akuyena yedwa uTamia ophumele obala ngokukhulelwa izolo njengoba nomunye usaziwayo owaduma kakhulu ohlelweni iBig Brother, uBlue Mbombo naye uyixoxe ngezithombe eyokukhulelwa kwakhe
NoBonang Matheba naye uyixoxe ngezithombe eyosuku lwakhe.
Izinkulungwane zabantu ezinkundleni zokuxhumana bezilindele ukubona ukuthi uLerato Kganyago uzotholani kulo nyaka. Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule umyeni wakhe wamubhukhela inkundla yezemidlalo iFNB nokuyilapho abadla khona isidlo sakusihlwa kudlalwa umculo omnandi.
Akaphoxanga kulo nyaka njengoba eveze indawo yakhe yokudlela i-Amour esehhotela i-12 on Hillel Villa and Spa.