NGIYANIBINGELELA bafundi onyakeni omusha ceke!
Ngethemba ukuthi sonke sibuye emaholodini singaphathekile kabi ngendlela esiziphathe ngayo. Ngiyathemba akekho obuye nesisu angasazi ukuthi ukhuleliswephi, akekho obuye nesifo esithelelana ngokocansi ngoba abantu bebeziphethe ngendlela efanele. Kodwa-ke uma kwenzekile walahla isayidi, ngicela ungabuyeli kunkosikazi wakho, noma esokeni lakho nesifo socansi.
Linda okungenani isikhashana bese uyoxilongwa, ukuze ungatheleli umuntu obeziphethe kahle ngezifo zocansi, ezinye ezingelapheki, njengegciwane lengculazi. Ngiyanicela bandla!Bengithi angidlule nje kulokho, angigxilile khona. Into engifuna siyikhulume kulokhu yehlukile. Ingiphatha kabi le nto yokuthi kusenamadoda namanje ahamba namajwabu, angasokile.
Anisokile ngani ngempela?
Ngike ngaphatheka kabi ngithi ngiyazidlulela nami, ngizikhela uqadolo kwelinye ibhungu eligezayo elibukekayo kanti ngizozithela kwinkaxankaxa yejwabu. Angifuni ukuqamba amanga, ngithukile ngacasuka futhi ukuthi esikhathini samanje kusekhona umuntu wesilisa ofuye ijwabu.
Ngangqondoni ngempela?
Yingakho namhlanje ngibone kungcono ukuthi ngiphinde ngikhumbuze, ngigcizelele ukuthi abantu besilisa abahambe bayosoka bakithi ngoba nginesiqiniseko sokuthi akuyona yodwa leya nsizwa esenejwabu. Bakhona nabanye abahamba bezihlaza bekhumula emantombazaneni beveza amajwabu.
Ngiyazi abanye bazothi angihlukane phansi namajwabu abo ngoba angihlanganise lutho nawo. Yebo, ngiyavuma bafowethu angihlangene namajwabu enu, kodwa mina ngikhulumela odadewethu futhi nawe ngikhathalele impilo yakho.iqiniso lithi indoda enejwabu kayithandisiseki futhi nocansi lwakhona kalumnandi bakithi. Thina nje esikwazi ukuqhathanisa nesesijwayele elisokiwe, ngeke impela bakithi sisalunga. Ngifisa ukukhuthaza abantu ukuthi bayosoka. Abukho buhlungu obungako futhi kuyashesha ukuphola, ngaphandle kokuthi uma usokile wenzela ukujabulisa umuntu wakho kodwa nawe usuke uzisiza ngoba uma ungenalo ijwabu amathuba okuthi uthole izifo ezithathelana ngocansi mancane. Namhlanje ngifisa ukuthi uma kukhona umuntu wesilisa ongasokile ngoba ethi uyasaba, okanye athi ukhathazekile ngeminyaka yakhe, mhlawumbe usekhulile usengase abe nenkinga, ngicela avuke ahambe uye emtholampilo, ayothola ulwazi oluthe xaxa, ukuze asizakale. Ungasabeli kude, hamba uyosoka. Noma ngabe wumdala kangakanani, ukusoka akunaminyaka.
Sikhathele ngamadoda anejwabu manje. Kusuka namhlanje sengathi uma unejwabu ungahlala ndawonye kulo muntu oyedwa onaye, ungalokhu ugcogcoma uhambe ukhombisa abantu amanyala akho. Khumbulani ukuthi ijwabu lithwala ukungcola. Liba nenkununu okuyinto emhloshana enuka kabi futhi ehambisana nobunuku nje. Siyabonga emadodeni asikile. Bakithi sicela nikhuthaze nabanye bo!
Nezingane zabafana azihanjiswe ziyosokwa zisencane. Nengane yomfana iyasokwa futhi izelwe, abukho ubungozi obukhona. Asambeni- ke siyeemitholampilo eseduze nathi siyobuza ngohlelo lokusoka. Empeleni yonke imitholampilo kahulumeni inohlelo lokusokwa kwabesilisa oluhlale luqhubeka. Hambani niyosika ijwabu. Kuba buhlungu kancane, kuphephile futhi kuyashesha ukuphola.
Inyanga eyodwa nje ungaleqi iziko ngeke ufe, uma uqhathanisa nobuhle ozobunikwa wukusika ijwabu. Nomkhulu mhambiseni. Nawe mfundisi hamba uyosokwa. Yise kabani nobani, nawe hamba uyosokwa. Le nto ayikho mayelana nocansi kuphela!