UKUBA wuqanduqandu embhedeni kungenza omkhulu umehluko ebudlelwaneni bothando, ngisho kunezinkinga, ucansi oluvuthayo luyakwazi ukukhipha uthando egumbini labantu abagula kakhulu.
Sekukaningi ngizwa abantu bebalisa ngokungeneliswa ophathina babo embhedeni. Omunye ukhalaza ngokuthi umuntu wakhe akafuni ukunyakaza uma bezijabulisa, uyalala nje abe isidindi. Omunye ukhala ngokuthi isoka lakhe liwumquba nje, kwaqolo alinyakazi.
Abanye kuyenzeka bandla uthole ukuthi abakwazi sidalo ukunyakaza, ikakhulukazi kuthina bantu besifazane. Akuthina sonke esikwazi ukufequza nokupilingana embhedeni. Abanye uma ike yathi indoda akeze ngaphezulu, uvele afise nokuziqulekisa ngoba uyazi ukuthi ikhono alibonwa, kunalokho uzolokhu enqekuzisa ikhanda namahlombe. Ajuluke abe manzi te.
Omunye uthole ukuthi uyakwazi kodwa uyavilapha, okanye uyazingabaza. Kunjalo-ke nasemadodeni, khona indoda oke uzibuze ukuthi kodwa Jehova bengiyaphi kulolu godo oluqine kanje.
Umuntu ajike azolala phezu kwami ngomzimba wakhe wonke, kuphele imizuzu emibili, usejuluke umanzi te. Usebhongisa okwenkomo ekubeni mina ngingakezwa lutho.
Namhlanje ngifisa sazi ukuthi embhedeni akuyona indawo yamahloni nokukotiza. Embhedeni akuyingakholwa nangamfundisi. Kuyasetshenzwa laphaya. Kuyajikajikwa, yingakho uma uzazi ukuthi awumuhle kahle embhedeni, ubovele uzilalele kini ukuze ugweme ukuphoxeka emizini yabantu.
Ngake ngasho ekuqaleni ukuthi uma senisendlini nobabili, nishudile, ningenza noma yini. Ningaziqalela ngisho isitayela senu esisha sha. Nisiqambe igama elithandwa yinina. Embhedeni awafuneki amahloni ngoba akuyona indawo yokukotiza kodwa ilapho khona wonke umuntu kufuneka avuke esuthi, edelile, engafuni lutho.
Akufuneki kube khona ozovuka anxaphe ngenxa yokungeneliseki. Ngifisa sazi ukuthi yize ucansi lungewona umgogodla wothando kodwa obunye ubudlelwano buyama uma ucansi luhamba kahle.
Athi noma ecabanga ukukugangela, akhumbule le-Women on top omenza yona. Akhumbule indlela omdlalisa ngayo amabhola egcwele umlomo. Avele abone ukuthi hhayi angiyindawo la, ngiyahlala.
Ayifuneki indoda ethithizayo, ewugodo sengathi ibanjwe ugesi embhedeni. Ayifuneki indoda ekhuluma kakhulu nekhuluma njalo embhedeni. Ubona ningasakwazi nje ukusinabisa ukuthi senilibala kakhulu izinkundla zokuxhumana. Umuntu achofe ifoni ngize ngizumeke. Akafuneki owesifazane ohlala eqothise imilenze sengathi inkukhu esihlatshiwe. Phithizela embhedeni ntombazane noma ngabe awukwazi okunye, uzokufunda ngendlela. Uma ngabe uzolala nje ube umqumbalala, uzofunda kanjani ngempela? Asinyakaze isinqa singaqini. Umlomo awusebenze, unganqeni nokuzifakela isandla e-andeni, uzitwanyazele. Uzivusele, kubonakale ukuthi uyayazi into oyizele. Angizwani-ke nabantu abafuna ukutshelwa yonke into, abathatha iLawu baliphendule inkantolo noma indlu yokukotiza. Gcina uthando lwakho liqinile ukuze kuthi noma ekushiya, ungazisoli wena. Kube ukuthi ubuqinisekisa ukuthi uyamanelisa kodwa wakuphunyula.
Elawini likamaGumede ungasibhalela ;) email:bangenidistance25@gmail.com
Whatsapp:079 977 1723