IMOTO: VOLKSWAGEN POLO LIFE 1.0 TSI
KUNEZIMOTO okuba nzima ukuzichaza komunye umuntu ngoba usuke ungazazi kahle kepha iVW Polo, mancane amathuba okuthi kube khona ongayazi.
Yintandokazi yemoto eyakhiwa efemini yakwaVolkswagen, ese-Eastern Cape, futhi kwabaningi iyimoto yamaphupho ekhombisayo ukuthi lowo muntu, usephumelele empilweni.
Kuleli sonto efemini yakwaVW eseKariega, eGqeberha, bagubhe ukukhiqiza eka-1 million ezodayisa phesheya ngoba kusukela ngo-2002, sebekhiqizela amazwe angu-38.
Ngo-2018 abakwaVW bethule eyesithupha okuthe ngo-2020, yaba yimoto yokuqala kuleli ukuba nophawu olusha lwenkampani negama layo libhalwe phakathi nendawo.
Lokhu ngicabanga ukuthi kungezinye zezinto ezidide abanye abantu ngoba bebezitshela ukuthi sekuyimoto entsha futhi yingakho bethi ethuthukisiwe iyiPolo 8. Njengokusho komunye umfo engihlangane naye enxanxatheleni yezitolo, iPavillion. Empeleni kusayiyo iPolo 6 ngoba akuyona imoto entsha sha, eyakhiwe kusuka phansi kepha kuthuthukiswe ekhona ngokuyishintsha nokuyengeza izinto ezithize.
Okwenzeke kuyo kuyafana nakwiTiguan. Ibisadlisa futhi iyinhle kodwa bayenza yaba ngcono.
Umbala osesithombeni ubizwa ngoVibrant Violet nokungenye yezinto ezintsha. Muhle, uyakhanga nasebusuku kodwa udinga inono ngoba uyashesha ukukuceba uma isidinga ukuwashwa kuhle kwemoto emnyama.
Ubhampa wangaphambili nangemuva ushintshile namalambu. Bayigaxe ama-IQ. Light LED matrix aphendula ubusuku bube yisemini futhi ayazicisha aphinde azikhanyise kakhulu uma kunemoto phambi kwayo ukuze angaxhophi abanye abashayeli. Kubuye kube nelambu eligudla kwigrille ngaphambili eliyenza uyiphe amehlo noma sekuhwalele. Nangemuva amalambu angamaLED futhi ama-indicator akhanya sakudweba.
Okunye abakwengezile ngamarimu angu-16 inch nepanoramic sunroof okhakhayini, okungenye yezinto abathengi bale moto abayithandayo.
Ngaphakathi yile Polo oyaziyo ngokwesikhala. Isikhala sempahla uyakwazi ukusandisa ngokulalisa izihlalo. Ngaphambili usheshe uyijwayele. Kukhona izindawo ezine zokushaja nge-USB (ezimbili ngaphambili nangemuva) kodwa zingoType C nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo.
Inetouchscreen infotainment system lapho udlala khona umsakazo izipikha zawo ezingakhalisi. Kule touchscreen iveza ingemuva uma uhlehla, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, ubone iminingwane ngemoto nokunye. Inedigital instrument cluster okuyinto esiphuma nayo ngaphandle kokwengeza imali kanjalo namasensor ngaphambili nangemuva.
Ihamba ngenjini engu-1.0 TSI enamandla angu-70kW netorque engu-175Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-5 speed manual. Kulula ukuyishayela nokungenye yezinto eziyenza ithandeke ngoba amagiya angena kalula. Iyakutshela futhi uma sekumele ushintshe uma uzihambela kahle ukuze yonge kuphethroli.
Yize bethi idla amalitha angu-5.4 ngo-100km kodwa kimi ibidla angu-7.4 ethangini layo elingamalitha angu-40.
Emgwaqweni ovulekile ubuye uziphumulele ngokuyifaka kwi-adaptive cruise control ihlele ijubane. Iphinde ibe nespeed limiter, pedestrian monitoring nefront assist okuwubuchwepheshe bezokuphepha obubuthola ezimotweni ezingaphezu kwayo
Intengo:
Polo Life 1.0 TSI – R350 000
Iphuma neservice plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km.