IMOTO: AUDI RS e-tron GT
UKWETHULWA kwezimoto ezihamba ngogesi zakwa-Audi South Africa kufakazele inkulumo ejwayelekile yokuthi alukho usuku olungafiki.
Sekunesikhathi kwabikezelwa ukuthi zisendleleni njengoba zigcina zifika manje nokuyizinhlobo eziyisithupha.
Kuyaziwa ukuthi inkinga enkulu ngezimoto zikagesi eNingizimu Afrika yintengo yazo ngenxa yentela nokugqoza kwengqalasizinda yokushaja.
I-Audi nokho ibambisene nabakwaGridCars ekwandiseni izindawo zokushaja ezisheshayo futhi abanikazi balezi zimoto bayakwazi ukushaja mahhala kwaGridCars.
Uma uzithenga bakufakela nendawo yokushaja kwakho.
Ama e-tron akhona ngamaSUV, Sportback, GT neRS GT.
Ngesikhathi zamukelwa ngokusemthethweni eKapa sithole imbijana yethuba lokushayela iRS e-tron GT okuyiyo engumakhonya emndenini wama e-tron.
Inebhethri elingu-93.4kWh elikhafula amandla angu-440kW netorque engu-830Nm. Amandla lawa iwathumela masinyane nokwenza isheshe njengonyazi kwazise kuyithatha imizuzwana engu-3.3 ukufika ku-100km/h. Indlela eshesha ngayo ngizwe ngiphathwa yinzululwane kepha ngagcina ngijwayele. Uma igijima uyayizwa ukuthi iyashesha kodwa ukuthula kwayo kwenza unganaki ukuthi ugijima okwedlula indlela ezwakala ngayo njengoba ungekho umsindo wenjini futhi akukho giya olizwa lishintsha.
Indlela yokuhlala ikahle noma ubamba ikhona ngesivinini iyanamathela futhi isivinini sigcina ku-250km/h.
Ibhethri uma lishajwe lagcwala bathi lihamba ibanga elifinyelela ku-472km.
Izinto enazo zihlanganisa amaMatrix LED headlight, izihlalo ezihlelwa ngogesi, ikhamera esiza uma upaka, ama-airbag ngaphakathi, infotainment system enenkombandlela, digital instrument cluster nokunye okuningi.
Intengo:
e-tron 55 First edition R1, 745,000
e-tron 55 advanced R1, 990,000
e-tron 55 S line R2, 045,000
e-tron 55 Sportback S line R2, 115,000
e-tron S Sportback R2, 425,000
e-tron GT R2, 715,000
RS e-tron GT R3, 300,000
I e-tron 55 First edition izofika maphakathi nonyaka ngesibalo esikaliwe. Zonke izinhlobo ziphuma ne-Audi Freeway Maintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km newarranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-160 000km.