KUSHINTSHWE indlela ebukeka ngayo iMini Countryman futhi yinkulu ngomzimba kanti ikhishiwe nemihlobiso ebiyenza usheshe ubone ukuthi yilolu hlobo lwemoto.
AbakwaBMW lapho ikhiqizwa khona bathe ingeyokuqala ukwakhiwa efemini yabo eseGermany.
Indlela esibukeka ngayo entsha, awuzitsheli ukuthi yiMini. Yize injalo kodwa iyakhanga kanti nasemgwaqweni iyabambelela futhi intofontofo. Uma ungumuntu oke ashayele izimoto ezintsha zakwaBMW, uyezwa ukuthi ayiqhelile kuzona.
Igabade ilishiye ngo-202mm. Amasondo anamaqimu aqala ku-18 kuya ku-21 inch. Nobude bayo ithe xaxa ngo-13cm uma uyiqhathanisa nendala.
Itholakala ngezinjini ezimbili okungewu-1.5 litre ekwiCountryman C, newu-2.0 litre ekwiCountryman S.
Injini ewu-1.5 litre inamandla awu-115kW, netorque ewu-240Nm. Kuyithatha imizuzwana eyisishiyagalolunye ukusuka ku-0 iye ku-100km/h. Kuthi ewu-2.0 litre yona ibenawu-150kW ne-torque ewu-320Nm. Yona kuyithatha imizuzwana ewu-7.4 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h.
Ngesikhathi ngiyishayela akukho obekukhalisa ngayo ngoba intofontofo futhi iyayicela indlela yize isinkulu.
Ngaphakathi abagibeli banesikhala esanele futhi ibhuthi ino-450 wamalitha. Uma ulalisa izihlalo siba wu-1 460 wamalitha.
AbakwaMini bazishaya isifuba ngokuba ngamavulandlela ekukwakeni i-screen se-infotainment esiyindilinga nesinabo bonke ubuchwepheshe kule moto. Kusona uyakwazi ukuvula inkombandlela, uxhume iselula ngeBluetooth, Android Auto noma nge-Apple CarPlay nokunye. Iphinde iveze nengaphandle ngoba inekhamera. Esiteringini sayo ukwazi ukwenza konke okungukushintsha umsakazo noma ukuphendula ucingo kanti naso sincanyana kahle nokwenza kube mnandi ukuyishayela futhi sintofontofo.
Kusona i-screen se-infotainment ukwazi ukushintsha imibala yokukhanyisa ehambelana nawe ngaleso sikhathi nomsindo walowo mbala. Imibala ihlukaniswe kane, okuyiCore, GoKart, Timeless neBalance. Uphinde ukwazi uku-downloader ama-game uwadlale kusona i-screen ufunde nezindaba nama-vidiyo omculo.
Kuwona lo nyaka kuzophinde kwethulwe iMini John Cooper Works Aceman, ezobe ikhipha iMini John Cooper Works Countryman. Kuza neMini Aceman C neMini Acemen S.
Intengo:
–IMini Cooper Countryman C - R724,819.70
–IMini Cooper Countryman S ALL4 - R795,074.00
–IMini Cooper JCW Countryman - R965,767.00
–IMini Cooper Countryman SE ALL4 - R1,086.000.00