IMOTO: BMW M4 COMPETITION CONVERTIBLE
NGEKE ngisakhuluma ngegrille enkulu yeBMW M4 ngoba kufanele ukuthi usuyijwayele, kungaba wukuthi uyayithanda noma awuyithandi.
Ngisho ungayithandi kodwa uma kuqhamuka iM4 Competition Convertible xDrive, mancane amathuba okuthi ikhanda lingaphenduki ujike nayo. Ikudonsa ivaliwe noma uyivulile ukhakhayi. Ukhakhayi seluyindwangu akuseyilo oluqinile njengasekuqaleni. Lokhu bathi kusiza ukwehlisa isisindo semoto futhi kulithatha imizuzwana cishe engu-18 ukulivula. Uyivula noma imoto ihamba ngesivinini esiphansi.
Engikuthanda ngayo wukuthi noma inokhakhayi oluvulekayo futhi oluyindwangu kodwa uma uyivalile uze ukhohlwe ngoba ayinamsindo otheni ngaphakathi.
Ngaphandle bayifake iM Carbon exterior package eyenza ukuthi ibe necarbon kuma air-intake, ezibukweni nangemuva kwidiffuser nokungagcini ngokushintsha indlela ebukeka ngayo kodwa okwehlisa nesisindo.
Amalambu angamaLED ngaphambili nangemuva bese kuthi amarimu abe ngu-19 ngaphambili no-20 inch ngemuva. Uma ucabanga ukuthi yinhle ngaphandle kuphela phinde, nangaphakathi yinhle. YiBMW M4 Competition oyaziyo!
IneBMW Live Cockpit Professional ehlanganisa idigital insutrument cluster netouchscreen infotainment system. Kuyona ubona inkombandlela, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay nokunye.
Izihlalo zangaphambili zihlelwa ngogesi. Imfihlo yazo wukuthi ziyakwazi ukufudumala ukuze ningagodoli noma uyivulile futhi kunomoya oshisayo. Nesiteringi siyakwazi ukufudumala.
Ilayisha abagibeli abane. Uma nibade niba nenkinga yokuhlala kahle ngokukhululeka yize isiyinde kunendala. Isikhala ebhuthini sithe ukuba sikhulu saba ngu-300 wamalitha kanti uma ungayivulile ukhakhayi siba ngu-385 wamalitha.
Injini kuseyiyo engu-3.0 litha six-cylinder twin turbo ekhafula amandla angu-375kW ne-torque engu-650Nm. Idonsa ngawo wonke amasondo ngo-gearbox ozishintshayo oyi-8 speed.
Ingena ngokushesha ejubaneni ngoba ngemizuzwana engu-3.7 isuke isiwubambile u-100km nejubane elikhulu elimiswe ku-280km/h.
Yimoto owaziyo ukuthi uyishaya kahle phakathi nesonto ulokhu ubukwa ngabantu nokuthi emigwaqeni ethule ngempelasonto wazi ukuthi amandla akhona futhi iyabambelela. Okuhle wukuthi nokuduma kuphezulu ezinqaweni futhi kunebhathini lokukunciphisa uma uthanda.
Esiteringini kunamabhathini eM Mode okuyilapho oshintsha indlela ezwakala ngayo kwisuspension, ukuduma, nokunye. Amandla iyakwazi ukuthumela amaningi ngemuva noma idonse ngamasondo angemuva kuphela.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-10.4 wamalitha ngo-100km.
Umehluko kwintengo yayo neM4 Competition Coupé uR90 000.
Intengo:
BMW M4 Competition Convertible with M xDrive - R2 150 000
Ifika neMotorplan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.