IMOTO: HYUNDAI VENUE CARGO
ENINGIZIMU Afrika abantu bathanda amaveni ngezizathu ezahlukene futhi yingakho ehlale eyizimoto ezidayisa kakhulu nyanga zonke.
Esinye sezizathu esenza athandwe yingoba enza umsebenzi wokuthutha impahla ebhizinisini ube lula.
Nokho bakhona abangawathandisisi uma esemkhulu kakhulu kepha abafuna amancane. Yingakho iNissan NP200 ithe chithi saka emigwaqweni ngoba ifeza leso sidingo. Ukuphela kwe-Opel Corsa, neFord Bantam, kwenza amakhasimende angakwazi ukukhetha kahle.
Ukwethulwa kweHyundai Venue Cargo, kuzokushintsha lokho. Yize ingeyona iveni kodwa iyimoto yokuthutha impahla.
IVenue yimoto eyaziwayo (elayisha abagibeli abayisihlanu) encintisana nezimoto ezimbalwa okuyiFord EcoSport, Toyota Urban Cruiser, Nissan Magnite, Renault Kiger nezinye.
Bayikhiphe zonke izihlalo zangemuva ukuze kwande isikhala sokulayisha. Akuyona into entsha lena kwaHyundai ngoba beyenzile kwiGrand i10 Cargo. Kudayiswe alinganiselwa ku-1 092 kusuka ngo-2019.
IVenue inebhuthi engu-343 wamalitha. Njengoba isiphendulwe iVenue Cargo, isikhala sesengeziwe saba wu-1 296 wamalitha futhi ikwazi ukuthwala isisindo esingu-500kg. Ukuze impahla ingayilimazi imoto, bayifake okokuvikela amawindi nokuthi ingagudluki iyoshaya umgibeli nomshayeli ngaphambili.
IVenue Cargo isuselwe kwiVenue 1.2 Motion, lokhu kusho ukuthi ngaphakathi kukhona i-8-inch touchscreen infotainment system yokuxhuma iselula nge-Apple carplay/Android Auto, bluetooth, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla nokunye.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini ewu-1.2 litha kaphethroli. Inamandla awu-61kW netorque engu-115Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-5 speed oshintshwayo. Kuphethroli bathi idla amalitha awu-6.5 ngo-100km.
Ngaphandle iVenue Cargo ifika ngombala omhlophe kuphela futhi inamasondo anamakhava awu-15 inch.
Intengo:
Hyundai Venue Cargo - R 329 900.
Ifika neservice plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km, iwarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km neroadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.