IMOTO: CHERY TIGGO 8 PRO
UKUHLEHLA kwenqama akusho ukubaleka kepha isuke isayolanda amandla.
Lesi sisho singena khaxa kwiChery esibuye ngamandla emakethe yakuleli ngemuva kokunyamalala. Njengamanje inezimoto ezimbili okuyiTiggo 4 Pro neTiggo 8 Pro kanti ithembise ukuthi maduze izoletha iTiggo 7 Pro.
Zonke lezi zimoto zingamaSUV ashiyana ngobukhulu. Uzokhumbula ukuthi yake yadayisa nezincane njengeJ2 neJ3 hatchback kodwa ukuthandwa kwamaSUV kungenzeka ukuthi yikho okuyenza igxile kuwo kakhulu kulokhu.
ITiggo 8 Pro ungayiqhathanisa nezimoto ezifana neyomkhaya bayo baseChina iHaval H6, VW Tiguan, Kia Sportage, Mazda CX5, Hyundai Tucson nezinye.
Ngaphandle ibukeka kahle inechrome kwigrille nakwezinye izindawo emzimbeni wonke.
Inamalambu angamaLED ngemuva nangaphambili futhi amaheadlights ayazikhanyisa aphinde azidime wona ebusuku ukuze ungaxhophi abanye abashayeli.
Vula isicabha, izokhanyisa phansi ibhale uTiggo. Ngaphakathi ubingelelwa yizihlalo ezinhle zesikhumba eziyisikhombisa. Isikhumba lesi sigudla nasezicabheni kanjalo nakwidashboard nokuyenza ibukeke kahle. Uma uyithinta ithe ukuqinaqina. Izihlalo zangaphambili zihlelwa ngogesi kushoda ukuthi zifudumale nje. Ngemuva isikhala sikhona kodwa kwezokugcina, kungakuhle uhlalise izingane ngoba amadolo nekhanda phezulu kungashaya uma umude. Ibhuthi ikhona uma zimile kepha iba nkulu uma ulalise izihlalo zokugcina kanti nezaphakathi ziyalala ube nodedangendlale wesikhala sokulayisha.
Kuningi okufica ngaphakathi. Ngibala itouchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay. Engikhala ngakho nje wukuthi imisakazo ayibhali ngamagama ngakho kumele uyazi ngezinombolo ukuthi uyithola kuphi futhi nezipikha zeSony zingakhala kangcono. Esinye iscreen esincane yilapho uhlela khona amazinga okushisa futhi nomgibeli oseceleni uyakwazi ukuzihlelela awakhe, inedigital instrument cluster, izimbobo ezimbili zokushaja nge-USB ngaphambili kanjalo nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo, imbobo eyodwa yokushaja ngemuva nesunroof enkulu okhakhayini. Uyakwazi ukukhuluma nayo uyitshele ukuthi ivule noma ivale amawindi, isunroof nokunye.
Inawo amakhosombana okubeka izinto nasezicabheni kepha esicabheni besingangeni isigubhu esingu-1.5 litre.
Uma uthanda uyidumisa ngokhiye umi ngaphandle kodwa ngaphakathi kunebhathini. Ihamba ngenjini engu-1.6 litre kaphethroli enamandla angu-145kW netorque engu-290Nm. Ugearbox uyazishintsha uyi-7 speed DCT. Ihamba kahle impela emgwaqeni amandla akhona, ithule futhi emabhampini ayizweli kakhulu yize abanye abaqaphela kakhulu bengayizwa ngathi iqinile kancane.
Okuyiyona nto nje eyenzela phansi yindlela edla ngayo uphethroli. Bheka ngoba ngo-100km ibidla amalitha angu-11.2 nokuyinto engeyinhle neze ikakhulu esikhathini samanje lapho kubiza khona kanje.
Ziningi izinsiza zomshayeli nezokuphepha. Inamakhamera aveza umzimba wonke futhi uma uyojika uhamba kancane ikuvezela lonke ingaphandle, ine-adaptive cruise control, iyakusiza ukuhlala emzileni, iyasho uma uzoshayisa ngaphambili, ama-airbag ayisithupha nokunye. Kwabahleli ngemuva iyasho uma kungaphephile ukuvula isicabha.
Uma nje bengalungisa indlela edla ngayo uphethroli ngabe baqedile ngoba kokunye ikahle kakhulu.
Intengo:
Chery Tiggo 8 Pro Executive – R546 900.00
Ifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km, iwarranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, iroadside assistance yeminyaka emihlanu newarranty yenjini yeminyaka engu-10 noma amakhilomitha angu-1 million.