KUNGENZEKA ukuthi abantu baseNingizimu Afrika babhekane nenkinga entsha yokuphazamiseka bebe beshayela?
Isikhulu seMasterDrive, u-Eugene Herbert, sithe lokhu kuphazamiseka kuba yilapho abashayeli behamba benganakile okusuke kwenzeka. Uthe umshayeli usuke engasiqaphele isimo somgwaqo nengozi engase yenzeke eduze kwakhe nokungaholela ekutheni angakwazi ukuyigwemi kahle.
“Ucwaningo olwenziwe ngokushayela ungajulile kahle kokwenzayo, yi-IAM RoadSmart e-United Kingdom, lukhomba ukuthi kujwayelekile kunendlela ocabanga ngayo.
“Balinganiselwa ku-40% abantu okungenzeka bashayele benganakile. Izizathu ezintathu ezivamile ezenza lokhu wukuphupha emini, ukhwantalalala nokucabanga ozokwenza lapho oya khona,” kusho uHerbert.
UHerbert uthe nanka amathiphu angakusiza:
Lala ngokwanele:
Umqondo oncishwe ukuphumula uphazamiseka kalula. Kuba nzima nokusebenzisa ulwazi onalo.
Qaphela:
Zama ukuthi ugxile ekushayeleni hhayi kozokwenza.
Thola okuzokusiza:
Uma ubona ukuthi ukunganaki uma ushayela yinto ejwayelekile, thola izinto ezizokwenza uphinde ugxile emgwaqweni.
Umculo:
Yize ungaphazamisa abanye, abanye ubenza bakwazi ukugxila ekushayeleni. Zama ukugwema ukuthi ube phezulu kakhulu noma ojulile ngoba ungenza unake wona kunomgwaqo.
Gwema ucingo:
Lwenze lungakhali noma ungalubambi ngoba umqondo wakho uyasuka emgwaqweni unake kulona.