IMOTO: HYUNDAI STARIA MULTICAB
NGEMUVA kwezinyanga ezimbili kwethulwe ibhasi elisha iHyundai Staria eNingizimu Afrika, sekulandele elizishaya saveni iStaria Multicab.
IStaria ifike ukuzovala isikhala seH1 obese kuneminyaka idayisa. Kusukela iqalile ukutholakala sekudayise angu-304.
Ngesikhathi yethulwa kwaHyundai bakuveza ukuthi babheke ukuzuza amanye amakhasimende angakwazi ukuthola izimoto zezimbangi ezinenkinga yokushoda kwesitokwe.
IStaria Multicab isuselwe kwiStaria Executive kodwa umehluko wayo ukuthi ilayisha abagibeli abayisihlanu bese iba nesikhala esikhulu sempahla ngemuva.
Ngaphandle kwemindeni engasebenzisa isikhala ukulayisha amabhayisikili nezimpahla uma izikhipha kodwa nakosomabhizinisi ngiyibona ikahle ngoba ifaka impahla nabasebenzi.
Ngaphandle ifana neStaria ejwayelekile kodwa umehluko ungemuva ngoba izicabha zebhuthini zimbili zivuleka ziye emaceleni akusona esisodwa esiphakama siye phezulu.
Inamarimu angu-17”, amadaytime running lights, ikhamera eveza ingemuva, 8-inch touchscreen infotainment system exhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, ishaja ngaphandle kwentambo, izihlalo ezizishaya sasikhumba, cruise control, iyasho uma kunemoto eceleni nokunye.
Engikuthandayo yindawo yokubeka impahla uma uphakamisa izihlalo zangemuva.
Injini ingu-2.2 litre kadizili futhi inamandla angu-130kW netorque engu-430Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-8 speed ozishintshayo.
Emgwaqeni isuspension yangemuva ithe ukuqina uyezwa uma ungena ezikhinsini. Kodwa lokhu kwenzela ikwazi ukuthwala izinto ezisindayo njengoba kuthiwa ikwazi ukuthwala isisindo esingu-1 000kg.
Intengo:
Staria R2.2 5-seater Multicab AT - R759 900
Iphuma newarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, iservice plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km neroadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.