ABASHAYELI bazokhokha imali ethe xaxa ukuthela uphethroli nodizili ngenyanga ezayo njengoba kulindeleke ukuthi intengo inyuke, ngokusho kwe-Automobile Association (AA).
I-AA ithe imininingwane ikhomba ukuthi uphethroli uzonyuka ngemali elinganiselwa ku-23 cents, udizili ngo-38 cents bese kuthi uphethroli unyuke ngo-32 cents.
"Intengo kawoyela ongahluziwe ilokhu ikhuphuka ngoJuni. Yize irandi linyukelwe ngamandla kodwa akwanele ukubhekana nalokhu kunyuka. NgoJuni irandi beliqinile uma liqhathaniswa ne-US dollar kodwa lehlile maphakathi nenyanga lisuka ku-R13.75 ngedollar laba kuR14.30," kusho i-AA.
"Lokhu kunyuka kuzoba nzima kulabo abasebenzisa uparaffin ukupheka, ukukhanyisa nakulabo abawusebenzisa ukuzifudumeza njengoba iNingizimu Afrika ibheke ekujuleni kobusika."
Ithe uma irandi liqhubeka nokwehlelwa ngamandla nentengo kaphethroli ilokhu inyuka, kuzoba nomthelela omubi emnotherni waseNingizimu Afrika.