BASHINTSHE ukwenza futhi bakhombisa nokuzimisela ngebhizinisi abakwa-Opel, ngokwethula i-Opel Zafira Life.
Lena yimoto yesizukulwane sesine futhi ikulungele ukusetshenziswa ebhizinisini noma uhamba nomndeni, nabangani.
Uma uqhathanisa lolu hlobo neZafira esike yakhishwa phambilini, ihluke kakhulu futhi uyabona ukuthi bayakuqonda okufunwa amakhasimende kulolu hlobo lwezimoto. Benze okusemandleni ukuthi bancintisane nembangi yayo iHyundai Staria, esanda kwethulwa.
Inenjini engu-2.0 litha kadizili kanti iHyundai Staria, inewu-2.2 litha Ngamandla ingaphansi kweHyundai Staria futhi ifuqa u-110kW netorque ewu-370Nm kanti iStaria ifuqa u-130kW. Isebenzisa ugearbox oyi-eight speed automatic futhi bathi idla amalitha kadizili awu-6.3 ngo-100km.
Kukhona i-Opel Zafira Life eyi-Edition, nethe ukuthuthuka ngezinga okuyi-Elegance. Injini iyafana, umahluko ukuthi kwi-Elegance kwandiswe ezobuchwepheshe ngaphakathi kanti konke kuyefana ngaphandle.
I-Edition inezihlalo eziyisikhombisa zendwangu uma ungasibali esomshayeli kanti kwi-Elegence ziyisithupha futhi ezesikhumba uma ungasibali esomshayeli. Okwenza zibe yisithupha ukuthi lapho kumele kubekhona esinye isihlalo, kunetafula. Phela lena yimoto ongayisebenzisela ukusingatha umhlangano noma indawo yokuphumula uma nizikhiphile.
Okuphinde kuqapheleka nge-Elegance ukuthi izicabha ezisemaceleni azidingi ukuthi usebenzise amandla uma uzivala noma uzivula kodwa ucindezela ibhathini zisebenze. Phezulu uyakwazi ukuyivula ukhakhayi kuvele ingilazi okuyinto engekho kwi-Edition.
Okuphinde kube mnandi nge-Elegance ukuthi izihlalo zangaphambili ziyafudumala. Engingakuthandanga nge-Opel Zafira Life ukuthi inembobo eyodwa yokuxhuma i-USB, engaphambili kuphela, okuyinto engabukeki kahle emotweni elungele ukulayisha abantu abaningi ngalolu hlobo. Ungaze wandise izimbobo ngokusebenzisa indawo ye-12V njengoba ezimotweni eziningi kwenzeka lokhu. Ngokuba ntofontofo nokubambelela emgwaqweni awukho umehluko phakathi kwe-Edition ne-Elegance.
Abalenzanga iphutha ngezindawo zokufaka izingilazi zeziphuzo ngaphakathi njengoba inezingu-10, ezilungele ukusetshenziswa. Iphinde ibe namatafula amancane akhelwe ezihlalweni sengathi yizihlalo zebhanoyi. Uyakwazi ukuyikhanyisa uqondanise nalapho uhleli khona njengoba kwenzeka ebhanoyini. Kwezokuphepha, inamasensor owafaka uma uthanda, ikhamera, ama-airbag, lane departure warning nokunye.
Intengo
Edition - R749 900
Ellegence - R869 900
Iphuma newarranty neroadside assistance yeminyaka emithathu noma amakhilomitha angu-120 000 neservice plan yeminyaka emihlanu noma amakhilomitha angu-100 000.