IMOTO: AUDI A4 40 TFSI
CISHE abantu abaningi uma becabanga i-Audi imoto efika ekuqala emqondweni yi-A4 ngoba ngikholwa wukuthi yiyona moto ewumgogodla wale nkampani.
I-A4 yimoto enomlando futhi eyintandokazi kule nkampani nokuyinto ejabulisayo ukubona ukuthi bayayinakekela ngokuyenza ngcono kwazise yaqala ukudayisa ngo-2016 njengoba ithuthukiswa.
Kodwa idumela lamaSUV kungenzeka ukuthi likushayile kancane ukudayisa kwayo kule minyaka edlule.
Le mbangi yeBMW 3 Series neMercedes-Benz C-Class iyabukeka kwazise inamarimu angu-18 inch, sunroof namaMatrix LED headlamps namaLED lights ngemuva othi uma uwakhanyisa noma ucisha enze iminyakazo.
Ngaphakathi awubuzi ukuthi yiJalimane ngoba yakhiwe yaqina. Inezihlalo zesikhumba futhi ivuleke kahle ukuhlala abagibeli abahlanu bese kuba nebhuthi enkulu engu-460l.
Uma uhleli esihlalweni somshayeli, esihlelwa ngogesi futhi sibuye sishise, phambi kwakho ubona ivirtual cockpit, iscreen se-infotainment system esiveza inkombandlela, ukwazi ukuxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi kuphinde kuvele nengemuva uma uhlehla.
Ingaphambili lenziwe kamnandi yonke into ihleli obala futhi azikho izinto eziningi ezingaze zikudide.
Uma usungena indlela, emgwaqeni ihamba kamnandi ngenjini engu-140kW netorque engu-320Nm. Isebenzisa ugearbox ozishintshayo oyi-7 speed S tronic kanti ijubane elikhulu ngu-241km/h.
Ithule ngaphakathi, iyazama ukuthi ungazweli amabhampi futhi kuphethroli ibidla amalitha angu-9 ngo-100km.
Uma uthatha ibanga elide uyifaka ku-adaptive cruise control ibuye ikusize nokuhlala emzileni.
Ngaphandle kwalokhu okunye kokuphepha ukuthi ukwazi ukufona ngayo uma ufuna usizo mhlawumbe usengozini.
Ukwazi nokufaka i-app bese ubona yonke imininingwane ngayo kwiselula.
Intengo
R700 500 (lena ingu-R894 150 ngenxa yezinto ezengezwe kuyo)
Ifika ne-Audi Freeway plan yeminbyaka emihlanu noma u-100 000km.