KUQALE ngegiya eliphezulu ukudayiswa kwezimoto eNingizimu Afrika ngo-2022 njengoba sinyukile isibalo sezithengiwe.
I-National Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa) ithi ziwu-41 382 izimoto ezidayise ngoJanuwari nokuyisibalo esikhuphuke ngo-6 743 noma ngo-19.5% uma kuqhathaniswa no-34 639 wangoJanuwari ka-2021.
Izimoto ezidayise ngaphandle kwakuleli zehle ngo-1 962 noma ngo-9.3% zaba wu-19 089 ekubeni ngoJanuwari wangonyaka odlule zazingu-21 051.
Uma sezi zonke izimoto ezidayisiwe zibalelwa ku-41 382, kanti zilinganiselwa ku-34 863 noma u-84.2% ezidayiswe emagaraji, zibe wu-12.1% ezithengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-2.4% kube yilezo ezithengwe wuhulumeni kwase kuthi u-1.3% kwaba ngowezinkampani.
Izimoto ezincane ezithengiwe zibe ngu-30 037 nokuyisibalo esinyuke ngo-6 305 noma u-26.6% uma kuqhathaniswa no-23 732 owadayiswa ngoJanuwari wonyaka odlule. Izimoto ezingamalight commercial vehicle, amaveni namabhasi amancane zibe wu-9 629.
I-Naamsa ithe yize okwamanje siphansi isibalo sezimoto ezidayise ngaphandle kodwa kulindeleke ukuthi sikhuphuke uma sekwethulwa ezintsha kanjalo noma sesiba ngcono isimo somnotho emhlabeni.
Ithe nakuleli imakethe izokhuphuka kancane, kancane, ibuyele esimeni eyayikuso ngaphambi kokuqala kweCovid-19.