INTENGO kaphethroli nodizili sekuyinto okuhlale kuphikiswana ngayo eNingizimu Afrika.
Ngenxa yobuthaka beRandi nokunyuka kwentengo kawoyela, intengo kaphethroli nayo ilokhu inyuka kule minyaka edlule.
Eminyakeni emibili edlule intengo yelitha likaphethroli oyi-93 Unleaded maphakathi nezwe ibibiza imali elinganiselwa kuR17.01 futhi eminyakeni emihlanu eyedlule, lalibiza uR14.21. Namhlanje abashayeli bakhokha uR23.01.
Ngale kwemali yokuletha uphethroli nodizili, kunezinye izinto eziba nomthelela entengweni yakho eNingizimu Afrika. Intela ephezulu kanjalo nokuthutha nokudayisa kuba nomthelelo emalini ekhokhwayo.
Ngokwe-Automibile Association (AA), intengo kaphethroli ongu-93 Unleaded, imali yokuwuletha kuleli, nguR12.63. Lokhu kuhlanganisa uphethroli uqobo kanjalo nemali yokuwuletha nomshwalense.
Ingabe kufinyelela kanjani ekutheni kukhokhwe uR23 uma wetha?
Ingxenye enkulu yale mali kuba yintela. IGeneral Fuel Levy (GLF) yengeza uR3.96 kuphethroli (R3.82 kudizili) bese kuthi enye intela kube ngeyeRoad Accident Fund engu-R2.18. Lezi zintela zombili zengeza uR6.14 elitheni likaphethroli noma u-27% wentengo ephelele.
Yize omunye engacabanga ukuthi iGLF ibhekelela izinto ezifana nokunakekelwa kwemigwaqo, imali elinganiselwa kuR90 billion eyenzayo ngonyaka iya ngqo kuMgcinimafa ukuze isetshenziswe nguhulumeni ngendlela afuna ngayo, ngokusho kwe-AA.
Nemali yokudayisa kumele ifakwe nokunguR2.42 kuphethroli kanti kudizili iyahluka.
Imali yokuwuthutha kuleli, ukuwugcina nenye intela kwengeza uR1.82 kwintengo yelitha likaphethroli maphakathi nezwe kanti ezindaweni ezigudle ulwandle kuba imali elinganiselwa ku-R1.10.
Ibalwa kanjalo imali kaphethroli nodizili eNingizimu Afrika.
Njengoba lokhu kubiza kancane emazweni amaningi angomakhelwane, intela yiyo enyusa intengo eNingizimu Afrika.
I-AA ikholwa wukuthi zikhona izindlela zokunciphisa intengo njengokuthi kuqiniswe amaphoyisa emgwaqweni nokungenza kunciphe izingozi bese kwehlisa umthwalo kwiRoad Accident Fund.
Njengoba intengo kawoyela yehlile, nentengo kaphethroli nodizili kulindeleke ukuthi yehle ngenyanga ezayo.