IBHANGE elibokelisa ngemali yokuthenga izimoto, iWesBank, limemezele ukuthi isikhulu salo siyashenxa esikhundleni njengoba indawo yaso izothathwa nguGhana Msibi.
Isikhulu esiphethe manje, uChris de Kock, sesihlale eWesBank kusuka ngo-1987 futhi sesibe yisikhulu esiphezulu kusuka ngoSepthemba ka-2013.
UDe Kock uzogcina ngoJuni 30, nonyaka kodwa uzohlala eFirstRand ezinye izinyanga ezingu-12, ukwenza isiqiniseko sokuthi amandla adluliswa ngaphandle kwezihibe nokuphothula eminye imisebenzi.
UMsibi osebe seWesBank iminyaka eyisikhombisa, uthe ujabule ngokuthatha lesi sikhundla sokuhola iWesBank.
“Yibhizinisi lekhethelo elinabantu abawuthandayo umsebenzi, elisezingeni eliphezulu futhi elinobudlelwano obuqinile nezinhlaka ezahlukene. Kuyisibusiso ukuthatha izintambo kuChris,” kusho uMsibi.
UDe Kock uthe uyaziqhenya ngebhizinisi asebelakhile kule minyaka edlule.
“Ngijabule ngokuthi uGhana uvumile ukuthatha lo msebenzi futhi ngiyamethemba ukuthi uzowenza uphumelele,” kusho uDe Kock.