UNGOTI ofundisa ukushayela ngendlela ephephile eBMW Driving Experience, eGoli, uthi ukuqaphela emgwaqweni akugcini kuphela ngokukusindisa kodwa konga nemoto.
UGavin Munro uthe kumele uhlale umehlomane ngokwenzekayo emgwaqweni, ukuze uzokwazi ukuthi yini okumele uyenze ezimweni ezithile.
Uthe lokhu kusiza ngokuthi uma usubonile ukuthi uzobhreka wunyathela kahle amabhreki okuwongayo.
Uthe abashayeli abaningi abanaki indlela abahlala ngayo.
“Uma uhlala esihlalweni kumele uma uqondise isandla isihlakala sifike phezu kwesiteringi bese isiteringi usibamba phakathi nendawo emaceleni, ukuze isandla sizogoba kancane. Lokhu kwenza kube lula uma uphendula isitering,” kusho uGavin.
Uthe ngaphambi kokungena emotweni kumele uyihlole ukuthi amasondo afuthwe ngendlela, inumber plate yayo kuseyiyo, amalambu nokunye.
Uthe kubalulekile nokwazi amandla emoto ngoba akuzona zonke izikhawu lapho kuzomele ubhreke khona ukugwema ingozi kodwa kukhona lapho kuzomele unyathele khona amafutha ubaleke.
Sifundiswa ukushayela ngenhloso yokugwema izingozi ngabakwaBMW Driving Experience. Abashayeli abaningi abanaki indlela abahlala ngayo, abaqapheli okwenzeka eduze kwabo, abalindeli okungase kwenzeke emgwaqeni, abashiyi ibanga elifanele emotweni engaphambili nokunye @IsolezweNews pic.twitter.com/UUxqsVqRQr
— Fanelesibonge Bengu. (@FaneleBengu) September 21, 2022
UGavin ungomunye wongoti abafundisa ukuphepha emgwaqweni ohlelweni iBMW Safety Course olubiza uR3 500. Kukhona nezinye ezinhlelo zeBMW M Advanced Driving nezinye.
Ezinye zezinto ezifundiswayo wukuthi ungagcini ngokubuka okwenzeka eduze kuphela kodwa ubuke kude lapho osaya khona, ukuze ulindele okuzokwenzeka. Isikhala okumele usishiye phakathi kwakho nemoto oyilandelayo kufanele sibe yimizuzwana emithathu futhi uhlale njalo ujeqeza nezibuko nokunye.
Ubuye wathi uma uhamba nengane kubalulekile ukuthi ihlale ngemuva kwesihlalo somshayeli ngoba ngeke ulokhu uyijeqeza ukuthi yenzani okugcina kwenza uphazamiseka. Kunalokho uma ikhala ubheka indawo ephephile ume kuyo, bese uyayibheka. Noma kunengozi ngokujwayelekile umshayeli ufuna ukuzivikela yena, ngakho uma ihleli ngemuva komshayeli nayo ingaphepha.
Uphethe ngokuthi uma wenze lezi zifundo wuyakwazi ukuthatha isitifiketi ositholayo usinike abomshwalense, ucele ukuthi bakwehlisele imali oyikhokha ngenyanga.