ISIMO somnotho esingesihle sesenze ukuthi sithwale kanzima isigaba sezimoto ezintsha kulezi zinyanga ezingu-12 ezedlule, ngokuveza kocwaningo lweWesBank.
Okhulumela iWesBank uLebo Gaoaketse uthe amakhasimende asekhetha izimoto ezibiza kangcono futhi sekunomkhuba wokuthi abantu bathenge izimoto ezingamasekeni kuzona zonke izigaba.
Uthe lokhu kufakazelwa yimininingwane yokuthengwa kwezimoto ezintsha ekhishwa zinyanga zonke yi-Naamsa.
Uthe ucwaningo lwabo lohhafu wokuqala wonyaka luveza ukuthi abafaka izicelo zokubolekwa imali yokuthenga izimoto ezingamasekeni zingaphezu kwezezimoto ezintsha.
“Ngohhafu wokuqala wakulo nyaka iWesBank ithole izicelo ezingu-337 061 zokubolekwa imali yokuthenga izimoto ezintsha. Esikhathini esifanayo, zibe ngu-688 316 izicelo zezimoto ezingamasekeni. Isizathu esikhulu sokufuna izimoto ezingamasekeni ukuthi abantu bazomelana nezindleko zazo,” kusho uGaoaketse.
“Okuyinkinga ngokuthenga imoto eyisekeni wukuthi i-maintenance noma i-service plan kanjalo ne-warranty kungenzeka ukuthi sekuphelelwe yisikhathi. Lokhu kusho ukuthi umnikazi kuzomele akukhokhele ukunakekela imoto. Isimo semoto sincike ekutheni ibiphethwe kanjani wumnikazi wayo omdala. Yingakho kubalulekile ukuthenga egaraji elaziwayo ongalethemba ukuthi liyihlolisisile imoto ukwenza isiqiniseko sokuthi isesimeni.